Baqondisane ubugwegwe abaculi bakamaskandi “abanyathelane amakhona” kulungiselelwa Ingoma kaZwelonke

180

MTHOBISI SITHOLE

BAQONDISANE ubugwegwe abaculi bakamasikandi abebexabene ngenxa yefolo labo elisungulwe eminyakeni emithathu edlule. Lokhu kwenzeke emhlanganweni oyinguyazane obungempelasonto eMhlanga, eThekwini. Inhloso yawo bekuwukulungiselela iNgoma kaZwelonke ezokuba mhla ka-22 kuNhlangulana (June) ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini. 

Ukuqophisana ngamazwi bekuphakathi kukaThokozani “Somnandi” Langa (osesithombeni) noGqizile Khanyile okusabalale izinkulumo zabo bephambana ngokwemibono, kubangwa ukugida. Kuthiwa indaba isuswe wukuthi uSomnandi – njengomdidiyeli wefolo labaculi – amemezele izinhlelo zeNgoma kaZwelonke eqoqweni leWhatsApp yabaculi bakamaskandi, uGqizile wabuza ukuthi akasekho yini matasa (uSomnandi).  Kuthiwa uSomnandi wayethe umatasa ngesikhathi ehoxa efolweni labaculi engomeni yezitshudeni eyayiseGugu Dlamini Park, Thekwini ngenyanga edlule. USomnandi wathi ufuna ukulungiselela umemulo wezingane zakhe, ezemule emasontweni amabili adlule. 

Engxoxweni kaSomnandi neLANGA, uthe konke sekumi ngomumo ngeNgoma kaZwelonke. Uthe mhla ka-18, abaculi bazoqala ukuzilolonga eThekwini naseGoli. Uthe kulo nyaka kwengezwe abaculi abebengekho efolweni lanyakenye. 

Abaculi abazogida nguShwi, uSomnandi, u-Ali Mgube, uJaiva Zimnike, uCevuzile, uNtencane, uQhosha, uMashelela, yiNkosi Yamagcokama, uMroza, uPolo, uSminoff, uNjoko, yiMfezemnyama, uFalabo, uLuve Dubazane, uMalahle, uLimit, uDulasi, yiBhova Elincane, yiThole LeNdidane, uLihle Xhakaza, uSkhenqe, uMdumazi, uMaqhikiza, uMthetho, uMntuyenziwa, uKhaza, uSaliwa, uGqizile ngumsakazi weJozi FM, uVusizwe Langa negoso labaculi uMbhemu Ndlovu. Kuthiwa uKhuzani, uSgwebo noBahubhe ngeke bagide kulokhu ngoba bangamanxusa eNgoma kaZwelonke.

Emaqenjini ezifunda kuzokube kukhona ezikaScethe, Abanini Bengoma Girls, iTeam Orange Girls, Inyokiphinda, Amansiyane, Amabhubesi, Amaqola Amhlophe, Amajuba Adlukhetho, Inkonjane Emnyama, Umthakathi, Abafana Bembalenhle, Izisasane, Izigi Zezulu, Hlophekhulu, Uphaphasi, Ntabankulu, Ubumbano LwaseMpangeni, Phakama Mbokodo, Ndindiza, EzikaGovozile, Izintombi Zekhethelo, EzikaMashinga, OFezela, uBuso Benja, EzikaMthakashana, Amagugu Ezwe, Amancoko Sbali, Dluls Siyeza, Insonyama nabanye abaningi. 

Previous articleUMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal uthwale kanzima amalungu eMK nawe-EFF ekhononda kuvotelwa usomlomo
Next articleIsathibelene kuBig Zulu noDuncan