INTATHELI YELANGA
UMASIPALA waseJohannesburg uthi kunzima ukusiza ezinye zezisulu ezisinde eklobeni lomlilo elibhunqise ibhilidi eMasharlltown, eGoli izolo ngoLwesine ngenxa yokuthi zisaba ukuthi zizophindiselwa emazweni azo. Ngokusho kukasomlomo kamasipala, uColleen Makhubele, abanye babantu abebehlala kuleli bhilidi – okuvela ukuthi bekugcwele kulo abokufika – banqabile ukuya ezibhedlela noma bayiswe ezindaweni abazokhosela kuzo ngenxa yokwesaba ukuthi hleze bagodukiswe.
“Kasikwazi ukubasiza ngoba kabafuni ukuyokwelashwa ezibhedlela emuva kokuhilwa yintuthu futhi kabafuni ukushiya kule ndawo bayoquba kwabahlelelwe yona wumasipala,” kusho uMakhubele. Babalelwa ku-74 abantu ababhubhe kuleli kloba lomlilo, kanti kabhona abaphuthunyiswe ezibhedlela.
Eqhuba uMakhubele, uthe amabhasi akhishwe wumasipala ukulanda abasindile, abuye eshaywa wumoya kwazise izisulu zalile ukuwakhwela. Nokho, uMakhubele uziqinisekisile izisulu ukuthi empeleni umasipala ubuhlose ukusiza, hhayi okunye.
Utshele iNewsroom Afrika ukuthi ezinye izinhlangano ezingayenzi inzuzo zenza kube nzima ukuba umasipala ubhekane nendaba yezakhiwo ezingaphephile, okugoloze kuzo abantu abathile futhi abangene kuzo ngokungemthetho.
UNdunankulu waseGauteng, uPanyaza Lesufi, umemezele ukuthi uzokwethula ikomidi elizophenya imbangela yalo mlilo.