PHUMLANI GAMA
BASABISA ngokuduba ukuvotela i-ANC, abebengabasizi bothisha ezikoleni zaKwaZulu-Natal, ngaphansi kohlelo olwasungulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
NgoLwesithathu, ingxenye yabo igasele emahhovisi aleli qembu eThekwini, ihambise uhlu lwezikhalo ukunxenxa uKhongolose ukuba ubonisane noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuze welule izinkontileka zabo, eziphele mhla ka-30 kuMandulo (September) kophezulu.
NgoMsombuluko, ILANGA libike ngodaba lapho abakhulume nalo beveze ukuthi oza-kwabo abebeqashwe kwezinye izifundazwe, njengaseWestern Cape naseGauteng, belulelwe izinkontileka.
UMnu Thobelani Nsele obehola imashi ngoLwesithathu, uthe iningi labo beseliziphilisa nemindeni yalo ngemali
ebeliyithola kulolu hlelo.
Uthe okunye okubakhathazayo, wukuthi basavela njengabantu abaqashiwe emabhukwini kahulumeni, okwenza kube nzima kubona ukuthola izibonelelo zikahulumeni.
“Kuthiwa lolu hlelo ngolomnyango kuzwelonke, kodwa umbuzo esinawo uthi KwaZulu-Natal behlulwa yini ukwenza njengoba kwenze ezinye izifundazwe,” kusho uNsele.
ILANGALempelasonto lixhumane noMnu Bheki Mtolo ongunobhala we-ANC kulesi sifundazwe, othe kuyishwa ukuthi abakhonondayo bayomashela emahhovisi eqembu labo.
“Ngesikhathi beqashwa, basayiniswa izinkontileka zokuthi umsebenzi uzophela ngoMandulo. I-ANC kulesi sifundazwe akukho ezobasiza ngakho, nabo bayazi ukuthi lolu wuhlelo obeluphethwe kuzwelonke.
“Izinkontileka zabo ziphele ngenyanga abebeyazi nabo,” kusho uMtolo.
Ngeledlule umnyango wezemfundo esifundazweni, ukhiphe isitatimende ugcizelela ukuthi lolu wuhlelo olungekho ezandleni zawo, uthe uma kunoshintsho ngalo, bazozwa ngomnyango kuzwelonke.