Basagcwele amathafa abadubula babulala uqweqwe lommeli

230

SKHOSIPHI MTHEMBU

USANGCWELE amathafa osolwa ngokudubula abulale ummeli owaziwayo eMtubatuba, esigamekweni esenzeke ngeledlule KwaMsani, eMtubatuba. Kubikwa ukuthi amaphoyisa afuna uthuli ababulali bakaMnu Thulani Vusi Madela (39), odutshulwe ngeledlule ese-tarven yakhe kwaMsane.

Akucaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe, kuthiwa ababulali kabathanga lutho ngemuva kokumbula. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke kubuka abantu njengoba bebehleli kule ndawo yokucima ukoma.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi umufi ufike e-tarven, wangena ngaphakathi. Uthi esangweni, kunemoto aphambane nayo nokusolwa ukuthi ababulali bebekuyona. Umthombo uthi umufi ungene wayohlala nabanye abangani bakhe abebengaphakathi. “esengaphakathi, kunowesilisa ongene waqonda kuyena wamdubula. Kuthe noma eselele phansi, wasondela wamdubula okwesibili maqede washaya wachitha,” kusho umthombo.

UMnu Bonga Khumalo ongummeli osebenze iminyaka noMadela, uthi bangqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kwalolu qweqwe lo mmeli. Utshele ILANGA ukuthi uMadela ubezikhandla ngomsebenzi wakhe futhi usekhiqize inqwaba yabammeli abadlule ngaphansi kwesandla sakhe asebezimele. “Ngisebenze iminyaka eyisithupha noMadela, sisebenza enkampanini yabameli ebiyaziwa ngokuthi yi-Scheeper Spies Mdaka Inco. Sisebenze kahle kakhulu kwaze kwaba omunye wabaqondisi uyadlula emhlabeni.

Imizamo yokuthola amalungu omndeni kaMadela kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokubula, bekungakaboshwa muntu.

Previous articleKusolwa uhulumeni ngezinkinga zeThala
Next articleUbabaza unya lukamakhelwane umzali wengane ‘egwilizisiwe’