THANDOLUHLE NGUBO
ZISAZOQHUBEKA nokugcinwa eSwazini izelamani zakwaNdimande, eziyingxenye yabasolwa abawu-7 ecaleni lokubulawa komculi we-hip-hop waseNingizimu Afrika, uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe, uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa babulawa ngoNhlolanja (February) bephuma endaqweni yokudlela emgwaqqweni uFlorida wodumo, eThekwini.
UMnu Siyabonga Ndimande nomfowabo uMnu Malusi Ndimande, bebevele eNkantolo yeMantshi yaKwaManzini eSwazini namuhla ngoLwesibili, icala labo lahlehlela umhla ka-20 kuNdasa (March) nonyaka. Enkantolo kuvele ukuthi iNingizimu Afrika kayikawafaki amaphepha esicelo sokuba iSwazini ibuyisele lezi zelamani kuleli, ukuze zishushiswe. Ummeli wabasolwa, uMnu Sivesonke Ngwenya, utshele inkantolo ukuthi amakilayenti akhe akhululekile ngokuhlehliswa kwecala. Uveze ukuthi usasiphikisa isiphakamiso sombuso sokubuyiselwa kuleli kwezincingo zabasolwa, ezigcinwe ngamaphoyisa aseSwazini ngoba kusolakala ukuthi zasetshenziswa ngesikhathi kuhlelwa ukubulawa kuka-AKA. Uthe lokhu kungenxa yokuthi iNingizimu Afrika kayikawafaki amaphepha okuba leziz izelamani zibuyiselwe kuleli.
“Nkosi yenkantolo, kangikawatholi amaphepha esicelo sokuthunyelwa kwamakilayenti ami ezweni elingumakhelwane wethu. Yize kunjalo, iziphathimandla zaseNingizimu Afrika zisenaso isikhathi sokukwenza lokho,” kusho uNgwenya.
Ugcizelele ukuthi lezi zelamani kazinakinga yokuzoshushiswa kuleli, kuphela nje uma umbuso uzohambisa ngokwezicelo zabo zangesonto eledlule, lapho ecele ukuthi uma amakilayenti akhe ebuyiselwa kuleli, anganikezelwa emaphoyiseni, kodwa anikezelwe kojele ngenxa yengebhe yokuphepha kwawo.