BHEKI NDLOVANA
BASAZOBUTHWALA ubunzima abathengi baseNingizimu Afrika njengoba kulindelwe ukuba intengo kaphethiloli inyuke kakhulu ngenyanga ezayo. Kuyaziwa-ke ukuthi ukunyuka kwentengo kaphethiloli kuba nomthelela omubi entengweni yempahla esetshenziswa wumphakathi.
Ngokusho kwe-Automobile Association (AA), ucwaningo lweCentral Energy Fund (CEF), luveza ukuthi intengo yelitha kaphethiloli ingahle yenyuke cishe ngo-R1.20 ngenyanga ezayo.
Intengo yelitha likadizili yona kuqagulwa ukuthi ingahle yenyuke ngemali engafinyelela ku-R2, kanti ekapharafini ikhonjwa ku-R1.84.
Kuthiwa ukwenyuka kukaphethiloli kudalwa yintengo yomphongolo kawoyela ongahluziwe njengamanje emba eqolo ezimakethe zomhlaba.
ILANGALempelasonto lishicilele ngoLwesihlanu umphongolo kawoyela ubiza ngaphezu kuka-$90 (R1 692), ngokwezibalo ezishicilelwe yiTrading Economics.
Kusukela mhla ka-24 kuNcwaba (August), intengo yomphongolo kawoyela yenyuke isuka ku-$82.9 (R1 559).
I-AA ithi uma kwenzeka intengo kaphethiloli yenyuka ngale ndlela eqagulwayo, abathengi bazobhekana nesimo esifana nesangoNtulikazi (July) nyakenye.
Ngaleso sikhathi kwaba nesikhalo esikhulu esaholela ekutheni uhulumeni uphoqeleke ukuhoxisa okwesikhashana intela ebanjwa
emikhiqizweni kawoyela, ngenhloso yokudambisa umthwalo emahlombe abathengi nabakhiqizi.