Basazotoka abase-Uganda ababanjwe no-R3 million owumbombayi

158

INTATHELI YELANGA

BASAZOQHUBEKA nokubala izinsimbi zasesitokisini abalisa abawu-10 base-Uganda ababanjwe ngamaphoyisa aseMpumalanga nemali elinganiselwa ku-R3 million ewumbombayi. Abasolwa okubalwa kubo uDaniel Kamuqisha, uSteven Nuwamanya, uNathan Mandela, uMzindisi Godfrey, u-Abaho Kanago, u-Amon Kwamushana, uRobert Mubangisi noBugalga Juanes, bebevele eNkantolo yeMantshi yase-Ermelo ngoMsombuluko, icala labo lahlehliselwa umhla ka-19 kwephezulu ukuba bayofaka isicelo sebheyili. Bebewu-11 sebebonke, kodwa omunye wadedelwa ngoba kuthiwa akukho okumhlanganisa necala. 

Ngokusho kukaCol Donald Mdhluli, okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, abasolwa baboshwe ngeledlule emkhankasweni obizwa nge-Operation Vala Umgodi. “Amaphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo njengenjwayelo ngesikhathi eqaphela abalisa abasolisayo bephethe izikhwama eziwu-5. Abamisile, abasesha, azithela kule mali ewumbombayi,” kusho uMdhluli.

IZITHOMBE NGABE-SAPS

Uthi kawatholanga nje kuphela le mali “kamazakhele”, athole nokuthi abasolwa bebengawaphethe amaphephamvume abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika, kanti-ke abaphenyi basebenzisana nezikhulu zoMnyango wezaseKhaya ukubheka ukuthi kukhona yini okusamaphepha, okubagunyaza ukuba kuleli,” kusho yena. Abasolwa babekwe icala lokutholakala nemali yomgunyathi nelokunyathela umthetho ogunyaza abangaphandle ukuba kuleli, i-Immigration Act of South Africa.

Previous articleUNgizwe uxolisile ngokuthwala uKhongolose ngeqoma
Next articleIyavuthwa ekaNgezana eyokuyobhekana nezinkunzi kwi-Uefa Champions League