Basazotoka abasolwa kwelokubulawa kowayelwa nokwebiwa kwezimoto zakuleli

324

PHUMLANI GAMA

BASAZOQHUBEKA nokubhadla esitokisini abamangalelwa ababili ecaleni lokubulawa kukaMnu Sipho “Juda” Mthethwa (osesithombeni) owayeyisishoshovu esilwa nokwebiwa kwezimoto zaseNingizimu Afrika ziweliswe umngcele owehlukanisa leli neMozambique. 

UMnu Sipho Mhlanga (37) noMnu Thokozani Nxumalo (38), bebevele eNkantolo yeMantshi yaseManguzi ngoLwesihlanu, icala labo lahlehliselwa uZibandlela (December). 

Bese kungokwesithupha bevela kule nkantolo. Bekulindeleke ukuba icala
liqale ukuqulwa kodwa inkantolo yaqoka ukulihlehlisa ngesizathu sokuthi kusenolunye uphenyo okusafanele lwenziwe. 

Baboshwa ngesikhathi amaphoyisa enze isivimbamgwaqo eMpangeni ngoNcwaba (August). 

Batholwa nezibhamu nezinhlamvu, konke okungekho emthethweni. 

UMthethwa walalelwa unyendle, wadutshulwa engena emzini wakhe ngoNhlolanja (February). 

Previous articleKushone abathathu “kuhlaselwa” umndeni wekhansela
Next articleOwamaBhokobhoko uthi kungabuyisa ithemba ebantwini ukunqoba kwaleli qembu