NONHLAKANIPHO SHINGA
USAHLALELE ethembeni umndeni wengane eneminyaka emibili, enyamalale ngendlela engaqondakali emasontweni ayisithupha edlule, endaweni yaseZimpisini, eNkandla.
ULuzelwande Mkhize (2), unyamalale ehambe nomfanyana oneminyaka ewu-13 wakubo kayise, beyolanda izinkomo nokuthe uma bezibona zisemhosheni, umfanyana wathi uLuzelwande makasale egqumeni, amlinde khona yikhona engeke abe nenkinga uma sebekhuphuka.
ILANGA labika ngalolu daba ngenyanga eyedlule lapho uMnu Sifiso Shange, onguninalume kaLuzelwande athi basadidekile ngoba kwenzeke lokhu evakashele kubo kayise, nokuyinto abejwayele ukuyenza.
“Sathola ngocingo sekuthiwa unyamalele, umfana lona owayeyolanda izinkomo emhosheni wabuya engasekho endaweni ayemshiye kuyona, wazitshela ukuthi kungenzeka ukuthi uvele wagoduka kodwa uthe uma efika ekhaya, wathola ukuthi akafikanga kwaqala lapho kwabhekwa.
“Noma sekuyisikhathi eside engatholakali kodwa sinethemba lokuthi sisazomthola ephila umntwana,” kusho yena.
ILANGA likhulume noMnu Andile Mkhize, uyise wengane ohambe emazwini kaninalume wayo, wathi kabakalilahli ithemba futhi bayafisa ukuthi amalungu omphakathi angaba nomkhondo abalekelele.
“Akukho okusha esisakutholile emaphoyiseni ngale kokuthi afika abheka nezinja kodwa ngemuva kwalokho kakubange kusenzeka lutho. Siyacela kwabangaba nomkhondo basitshele noma bathinte namaphoyisa okuyiwo asingethe icala.
“Unina wangane usephila ngokukhala, nokuyinto egcina ingiphazamisa kakhulu emoyeni. Njengoba kunezimvula namakhaza ngiyaye ngibalise ukuthi kazi iphephile yini lapho ikhona indodana yami,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi ingane kayikatholakali, amaphoyisa asaphenya.