MTHEMBENI VUMA
USHAQEKILE umphakathi wakwa-Q, eMlazi ngokutholakala kwesidumbu sowesifazane ngaphandle kwesikole iBadelile Primary School, ngoLwesithathu ekuseni.
Kuthiwa lesi sidumbu sitholwe yizingane ebeziya esikoleni, zase zihlaba umkhosi.
Ilungu lomphakathi elingafunanga ukudalulwa, liveze ukuthi lesi sidumbu besihlubule ngezansi futhi sinamanxeba esifubeni, okwenza basole ukuthi umufi uqale wanukubezwa ngokocansi ngaphambi kokubulawa.
UMnu Muzi Biyase, ongusihlalo weCommunity Policing Forum (CPF), futhi ongusihlalo wesigungu esilawula isikole eBadelile, uthe ufonelwe ngunogada wesikole ethi makaphuthume esikoleni.
Uveze ukuthi kuthe uma efika, wabona isidumbu sowesifazane olinganiselwa e
Uthe bekunegazi eliningi lapho isidumbu esitholwe khona.
Amalungu omphakathi athe asola ukuthi lo wesifazane akabulawelanga lapho kutholwe khona isidumbu, ngoba kazikho izimpawu zegazi emgwaqweni ezikhombisa ukuthi ubedonswa, eyolahlwa kuleya ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlazi aphenya ngokutholakala kwesidumbu sowesifazane esinamanxeba
okugwazwa.
editor@ilanganews.co.za