Bashaqekile ngethuna abalifice limbiwe

908

uNkk Mlambo uthi kuthathwe amathambo ezingalo nekhanda kwashiywa amafosholo eceleni kwethuna

LISALE likhamisile ithuna lika-Andile elimbiwe kwathathwa amathambo ekhanda. 

NONHLAKANIPHO SHINGA noNOMFUNDO NGWANE

KUVUKE iminjunju, kwaduma amakhanda emndenini wakwaMlambo, eDukuduku, eMtubatuba, ngenxa yesigameko sokumbiwa kwe-thuna lendodakazi yawo eneminyaka ewu-10 yashona, kwathathwa ikhanda (skull) layo. 

UNkk Sbongile Mlambo, ongunina ka-Andile owashona ngo-2011 emuva kokugula isigubhukane ebuya ukuyoteta, uthe akaku-ngabazi ukuthi umuntu owenze le nto usemndenini. 

Utshele ILANGA ukuthi indodakazi yakhe yashona emuva kwenyanga itetile. Yagula ikhala ngokuthi ibona izilwane ezifuna uku-yibulala, yagcina ngokushona yashiya ingane. 

Uthi uthuke woma ngeledlule ngesikhathi kufika intombazane ejwayelene nezingane zakhe, iyomazisa ukuthi ibisemathuneni iyo-bheka ithuna lesihlobo sayo, yabona ithuna lika-Andile limbiwe. 

“Saphuthuma khona. Ngacishe ngashayeka phansi uma ngifika emathuneni. Ithuna lendodakazi yami limbiwa nje, besesilikhonki-le. Umuntu owenza le nto wayenesikhathi, azi kahle ukuthi ngeke abonwe muntu. 

“Waqala wasusa itshe esasilibeke phezu kwethuna, wamba waze wayofika emathanjeni. Sithole ukuthi bathathe amathambo ezingalo nawekhanda, amafosholo ababemba ngawo bawashiya kanjalo eceleni kwethuna,” kusho uNkk Mlambo.

 Uthi izingubo indodakazi yakhe eyangcwatshwa izigqokile, besezibekwe eceleni. 

“Into engenza ngibe nezinsolo eziqinile ukuthi umuntu owenze le nto usemndenini, wukuthi ngubani lo obengaba nesibindi esingaka sokumba ithuna elikhonkiwe futhi libhaliwe ukuthi kwangcwatshwa nini?” kusho yena.

Utshele ILANGA ukuthi kukhona ukungezwani emndenini wakhe, kodwa ubengalindele ukuthi sebengaze bamzwise into ebuhlungu kangaka, bahlukumeze indodakazi yakhe seyaziphumulela. 

“Kunzima nokulala ngoba kasazi ukuthi umuntu othathe la mathambo uyowenzani. Sinezinsolo eziqinile ukuthi uyoganga ngawo,” kusho uNkk Mlambo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okumbiwa kwethuna ngokungemthetho, abengakabophi muntu. 

UDkt Velaphi “VVO” Mkhize, ongumelaphi wendabuko futhi oyisazi sezamasiko, uthe umndeni kwakumele uyigeze ngembuzi emhlophe indodakazi yawo ngesikhathi idlula emhlabeni njengoba yadlula ikhala ngokuthi ibona izilwane. 

Uthi kungenzeka ukuthi yashona nje, kwakunabantu ababezama ukuyithwebula. Mayelana nalo muga wokumbiwa kwethuna, uthe kuzomele umndeni uthenge imbuzi emhlophe uyobika emsamo ngesigameko esibi esehlele indodakazi yawo ngaphambi kokugqiba ithuna.

nomfundo@ilangaews.co.za

Previous articleUxolisa kubalandeli ‘ngamanyala’ ezakhe
Next articleBasongelwa ngesibhaxu abelaphi bendabuko