LUCKY CAIN
ASHAYA amakhala amaqembu aphikisayo kuMasipala weTheku ngokuqhubeka kwalo masipala ukweboleka imali.
Lokhu kuqutshulwe wumbiko – ophume ngoLwesine – ovele emhlanganweni walo mkhandlu mayelana nokuphasiswa kokuthi uboleke u-R1.5 billion, okwenziwa ngoNhlaba (May) nonyaka.
Kuthiwa emhlanganweni umkhandlu wavumelana ngokuthi kuqale uhlelo lokubheka izinhlaka ezizokwazi ukuweboleka le mali.
Umbiko uveze ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka, umasipala usuqalile ukufaka izimemo ezinhlakeni ezahlukene.
IMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda (esesithombeni) – okuyiyona eyethule lo mbiko – ithe le mali
izosetshenziselwa ukulungisa ingqalasizinda, okubalwa kuyo izitamkoko ezigxazayo ezindaweni ezahlukene.
Kuwona lo mhlangano, uKaunda uveze nokuthi imali okuvele ngeledlule ukuthi ibuyiselwe kumgcinimafa, seyibuyiselwe
kulo masipala.
Uthe kuphoqe ukuba babhalele kabusha umgcinimafa, bechaza ngendlela le mali ezosetshenziswa ngayo ukulungisa ingqalasizinga nokuqinisekisa ukuthi konke
kumi ngomumo njengoba kuza amaholide kaZibandlela (December), ikakhulukazi
ngasohlangothini lwezokuphepha.
UMnu Thabani Mthethwa, ohola iDA kulo mkhandlu, uthe kabahambisani nokuthi lo masipala uqhubeke nokuzifaka obishini lwezikweletu ekubeni uvele unesikweletu esilinganiselwa ku-R10 billion.
Ubuze ukuthi ukwebolekwa kwale mali kuzosiza ngani ngoba sekucacile ukuthi umasipala uyehluleka wukusebenzisa inkece ngendlela efanele.
Uqhube wathi lo masipala kunemali eningi (yentela) owehluleka wukuyiqoqa e
UMnu Zwakele Mncwango we-Action SA, uthe kuyishwa ukuthi umasipala uqhubeke nohlelo lokweboleka imali ekubeni usanda kuthola lo R1.6 billion obuyiswe ngumgcinimafa.
UMnu Themba Mvubu we-EFF, uthe udaba lokwebolekwa kwale mali ludala, kade kwavunyelwana ngalo.
Uthe ngoLwesine besekuchazelwa amakhansela ukuthi selufinyelele kuliphi izinga.