Bashise eyobumnandi ‘ebulala intsha’

890

Umnikazi uthi ngamampunge ukuthi indawo yakhe ikhiqiza izidakwa nabaqwayizi

UMPHAKATHI ushise indawo yobumnandi eNkandla ukhala ngokungalawuleki kwentsha. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

MTHOBISI SITHOLE
KUSUKE esinamathambo umphakathi waseNtolwane, KwaNxamalala, eNkandla uvuka inj’ ebomvu, ushisa indawo yobumnandi ngoba ukhala ngokuthi ibulala ikusasa lezingane zendawo, isikhiqize abaqwayizi nentsha eyizidakwa, engasalali emakhaya. Ngokuthola kweLANGA, abesilisa abangaphezulu kuka-30 bagasele eBizwayo Lifestyle, bekhuza izaga ngabo-09h00 ngoMgqibelo, bathatha impahla, enye bayingqongqisa nomlilo. Umphakathi kuthiwa ukhala ngokuthi izingane zendawo kazisalali emakhaya, ziphuza utshwala kuze kuse, amantombazane asephenduke abaqwayizi, alandwa ngabashayeli bamatekisi, intsha kayisalawuleki.


Umthombo weLANGA olwazi ukusuka nokuhlala lolu daba, uthi sikhona impela isimo sokudlebeleka kwentsha ngenxa yokufika kwale ndawo eminyakeni ebalelwa kwemine edlule. “Kubi okwenzekile kokulinyazwa kwempahla, kodwa umphakathi kawufuni nokuyizwa le ndaba ngoba izingane kazisalaleli, kazilali emakhaya,” kusho umthombo. Uthi kule ndawo bekudayisa inyama, utshwala, u-petrol kuwashwe nezimoto. Kubikwa nokuthi nemicimbi yobumnandi ibisibuzwa khona ngoba bekufika abaculi abaziwayo okubalwa kubona uBig Zulu noMdumazi.


Umnikazi wale ndawo, uMnu Phiwe Nduli, uveze ukuthi ukucekelwa phansi kwebhizinisi lakhe kulimaze intsha yendawo ewu-10 ebiqashwe kulona. Utshele ILANGA ukuthi kazikho izigaba ezanele ezihanjiwe ukuze kufinyelelwe kulesi sinqumo esithathwe wumphakathi. “Phambilini sabizwa nomunye usomabhizinisi enkantolo yenkosi, satshelwa ukuthi umphakathi uyakhononda ngokuthi kawusakwazi ukulala ngokukhululeka ngenxa yomsindo we-radio, kwavunyelwana ngokuthi kuzovalwa ngo-10.
“Kuthe ngisaqhubeka ngokwesivumelwano, kwafika omunye umbiko othi umphakathi uthi kayibekezeleleki le ndawo yami. Kwa-ngixaka lokho ngoba bengisenza ngokwesivumelwano esathathwa enkantolo. Mhla ka-27 kuZibandlela (December), ngifonelwe ngelinye ilungu lomphakathi, lingibizela emhlanganweni, lathi ngifunwa yizinsizwa zendawo.


“Ngafonela induna ngibuza ukuthi iyazi yini ngomhlangano engibizelwa kuwona ngoba phela ngabekwa yiyona nenkosi kule ndawo. Yathi iyazi, mangiye nayo ikhona kulowo mhlangano. Ngenxake yokuthi ngabizwa ngesikhathi esifishane, kangikwazanga ukufinyelela emhlanganweni ngenxa yokuthi kwakunesimo sokuthi ngiphuthumise ilungu lomndeni esibhedlela. “Leli lungu lomphakathi lase lithi uma ngihluleka wukufika emhlanganweni ngalesi sikhathi engibizwa ngaso, ngizobathola se bengilinde esitolo sami.


“Kwathi uma ngifika, ngafica se-bekhona bengilindile, lathi ilungu sekuthathwe isinqumo sokuthi mangithuthe yonke impahla yami ngibuyele kwelakithi, lishone elakusasa (28 kuZibandlela) ngingasekho ngoba kangisafuneki endaweni,” kusho uMnu Nduli. Uthi emuva kwalo myalelo womphakathi, wanquma ukubikela inkosi yesizwe sakwaNxamalala, (iNkosi Bhekumuzi Zuma) ngenxa yokuthi yayazi ngokubekwa kwakhe. Uthi inkosi yathembisa ukuqoqa izinduna mhla ka-4 kuMasingana (January) nakuba lungafikanga lolo suku. “Abantu abebephambili kulesi sigameko, yilaba abahlala eGoli, abafike ngoba kungamaholide ekhaya.


“Lolu daba kaluhambanga izigaba ezifanele ngoba uma umphakathi bengiwuhlukumeza, ubungafonela ngisho umzali wami,” kusho uMnu Nduli. Uthi nakuba engekho ngaphansi kweNkosi yaKwaNxamalala, kodwa naye ungowaseNkandla ngaphansi kwesakwaKhanyile. Utshele leli phephandaba ukuthi lolu daba kumele lulungiswe nomthetho wenze okufanele. Uthe akulona iqiniso ukuthi iBizwayo Lifestyle isikhiqize abaqwayizi endaweni. “Uma abantu bengakufuni basho noma yini ngenxa yomona. Udaba lokuthi kunomsindo lwalungiswa phambilini,” kusho uMnu Nduli othi umonakalo owenzekile ulinganiselwa ku-R50 000. Icala libikwe esiteshini samaphoyisa eMultipurpose eNkandla.


Induna yendawo, uMnu Busani Ntombela, ithe kayikuncomi okwenzekile, bazokwenza isu lokuthi lulungiseka kanjani udaba. Uveze ukuthi ngesikhathi kubekwa uMnu Nduli, akukho okungahanjiswanga ngendlela efanele. “Kuyiqiniso ukuthi kunomsindo omkhulu, kugcwala ngokweqile ngakhoke umphakathi ukhala ngokuthi awusaphephile,” kusho uMnu Ntombela. Uthi isikhathi sokuvala okwakuvunyelenwe ngaso usihloniphile uMnu Nduli, kodwa kwabuye kwashintsha. Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, iphunzile njengoba bekuthi uma eshayelwa aluvale ucingo. Ubhalelwe umqhafazo nomyalezo kaWhatsApp okukhombe ukuthi uwufundile, kodwa lutho ukubuyela kuleli phephandaba nezimpendulo.

Previous articleUbalisa ngokufela ubala onqobe oKhozini
Next articleUyamaniswa ne-Europe umdlali weChiefs