LUCKY CAIN
UTHEMBISA ukuqhubeka nokunyusa izinga lomcimbi wakhe uThabani Mazibuko ongumhleli womcimbi obe yimpumelelo obizwa iJazz at the Drakensberg obuseCathedral Peak Wine Estate ngempelasonto eyedlule. UMazibuko ukusho lokhu ngesikhathi ebonga izinkumbi zabantu eziphume ngobuningi ukuzothamela lo mcimbi obusuwenzeka okwesithathu kulo nyaka njengoba bekuboshelwe ulozolo lwamaciko.
Uthe ubonga akaphezi ngabantu abadele isikhathi sabo beza ukuzoba yingxenye yalo mcimbi. “Ngizilalelile zonke iziyalo nemibono eniyibekile kubona bonke engixhumane nabo kule mpelasonto. Ngiyathembisa ukuthi ngonyaka ozayo sizoqhubeka nokwenza into esezingeni ukuze abathandi balo mcimbi bahlale bethokozile,” kusho uMazibuko ezibongela ngempumelelo yomcimbi wakhe.
Lo mcimbi awugcinanga ngokuletha ubumnandi njengoba nezokuvakasha ezintabeni zoKhahlamba zihlomulile kwazise iningi labantu abebeqhamuka kwezinye izindawo bethole nethuba lokuzibonela ukuthi iDrakensberg iquketheni kulo mkhakha.
Kulo mcimbi bekuboshelwe abaculi okubalwa kubo uLloyiso, Zoe Madiga noMandisi Dyantyis owuvale engegiya eliphezulu njengoba ephume esiteji abantu besalangazelele ubumnandi. Nakuba bone abaculi beshaye into ecokeme kodwa uMandisi nguyena oshiye abantu befuna okwengeziwe. Ngaphandle kwabaculi noDJ abebeboshelwe bakwazile ukuhambisana nohlobo lomcimbi njengoba uSjerere obengomunye woDJ abanandisile ekhumbuze abebekhona ezamzukwana. Ubedlala izingoma zakudala ezixuba nezothando futhi wangazikhohlwa nezowokholo nomaskandi. Abantu babukeke bekuthokozela obekwenziwa yilo DJ exuba eveza ikhono lokuhlanganisa umculo. Kulo mcimbi uhlelo beliphethwe nguNomvelo Makhanya owenze into encomekayo.