BASOLA UGQAMCISHI NGOKUSHA KWEZITOLO KWANONGOMA

361
INGXENYE yomonakalo odalwe wumlilo edolobheni KwaNongoma

PHUMLANI GAMA
KUSOLWA ugqamcishi (load shedding) ngokusha kwezitolo edolobheni laKwaNongoma esigamekweni esenzeke phakathi kwamabili ngoLwesibili. Ngokusho kwamalungu omphakathi, kubonakale kuphakama ilangabi emuva kokubuya kugagesi, okusolwa ukuthi ubuye ngamandla wadala umonakalo. Kubikwa ukuthi izitolo ezintathu zishe kusukela ebusuku kwaze kwaba yihora leshumi ekuseni. Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa igama lalo, liveze ukuthi okwenze umonakalo waba mkhulu wukuthi umasipala wendawo kawunazo izimoto zezicishamlilo ezenele njengoba esikhathini esiningi kuyaye kubizwe ezisuka kuMasipala wesiFunda iZululand, oNdini ukuba ziyokwelekelela.


“Noma kukhona ukungezwani nokuphambana ngokwemibono yezombusazwe okuqhubekayo lapha KwaNongoma, kodwa akekho umuntu ongashisa idolobha ngoba efuna ukudicilela phansi igama lomunye. “Ngiphatheke kabi uma ngibona imibhalo ezinkundleni zokuxhumana ehambisana nokwedelela amagama, kwehliswa nesithunzi sabaholi bomphakathi abathile, kuthiwa yibona abashise idolobha. “Akekho oshise idolobha, le nto idalwe wukucinywa kukagesi okuqhubekayo nje ezweni lonke. “Kubukeka kusazophela abantu ngenxa yale nkinga.
“Sekuyisikhathi sokuthi abantu bazifundise ukuthi uma uhamba ugesi, bakhiphe wonke amaplaki. “Ngokusho kwabantu nonogada, umlilo usheshe wabonakala, kodwa inkinga kube wukuthi uMasipala waKwaNongoma kawunazo izimoto.

Unemoto eyodwa nayo efaka amalitha ayinkulungwane kuphela. “Phambilini kwasha umuzi okhona lapha edolobheni, yona le moto yakwamasipala imile ngoba ingenayo intambo yokudumisa injini yokucisha umlilo. “Nakhona lapho, sakhuluma singamalungu omphakathi, kwathiwa sihlasela abaholi neqembu elithile,” kusho leli lungu lomphakathi. Imeya uMnu Albert Mncwango, ivumile ukuthi umasipala wayo kawunazo izinsiza ezenele zokubhekana nezimo eziphuthumayo, ikakhulukazi ukuqubuka kwemililo. “Ithimba lethu lisaphenya ukuthi ngabe udalwe yini umlilo. “Izitolo ezithintekile yilezi ezingaphansi kweThala Centre.


“Izinsolo eziqinile zikhomba ukuthi umlilo udalwe yile nkinga kagqamcishi. “Okuqinisa izinsolo wukuthi ngezithuba zasebusuku ngehora leshumi nanye kuhambe ugesi obuye ngehora lokuqala kanti futhi ukusha kwezitolo kuqale ngalo ihora lokuqala. “Siyavuma umasipala wethu kawunazo izinsiza ezanele zokubhekana nokucinywa komlilo ngoba vele akuwona umsebenzi owabelwe thina lowo, ungokaMasipala wesiFunda (iZululand),” kusho uMncwango.

Previous articleUZwane udalula ubuthaka beChiefs
Next articleAYANDA UYOMELA ELAKULELI EPOLAND