PHUMLANI GAMA noLUCKY CAIN
ASONGA ngokuba yiphela endlebeni aze athole izimpendulo amaqembu aphikisayo kuMasipala weTheku, awusola ngokuhudula izinyawo ngophenyo lwangaphakathi mayelana nodaba lokuboshwa kwabesilisa ababili baseMozambique, ababanjwe oqotsheni belayishe impahla yalo mkhandlu eyebiwe.
UMnu Hermino Afonso (44) noMnu Salomao Zabia (31), bavele eNkantolo yeMantshi eMa-nguzi ngoMsombuluko, icala labo lahlehla ukuze bezofaka isicelo sebheyili.
Baboshwa ngoMgqibelo wuphiko loKlebe ngokubambisana nophiko olusanda kusungulwa, olulwa nobugebengu emngceleni ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique, iBorder Management Authority (BMA).
Abasolwa babanjwa behamba ngeveni ebilayishe impahla yalo mkhandlu.
UMnu Mxolisi Kaunda, oyimeya yeTheku, uthe bazobambisana nezinhlaka zikahulumeni uma kwenziwa uphenyo.
“Kuyakhathaza ukuthi kunabaholi abavele bagijimele kwabemithombo yezindaba, bayokhuluma ngodaba lwamalambu omkhandlu,” kusho uKaunda.
UMnu Francois Rodgers ohola iDA KwaZulu-Natal, uthe leli qembu linemibuzo eminingi ukuthi kungani kuthulekile ngalolu daba ekubeni iTheku lisebumnyameni.
“Sifuna imeya ikhiphe umbiko ngokushesha, icacisele umphakathi ngezinyathelo ezizothathelwa abathintekayo. Onogada abaqashelwe ukuqapha impahla yomkhandlu kufanele baphendule,” kusho uRodgers.
Ohola i-IFP kulo mkhandlu, uMnu Mdu Nkosi, uthe baningi abantu okufanele baphendule, futhi okufanele baboshwe ma-qondana nalesi sigameko.
UMnu Zwakele Mncwango ohola i-Action SA kulesi sifundazwe, uthe kuyakhathaza ukuthi kube nesigameko esifuze lesi ekubeni kusenombiko weCity Integrity and Investigation Unit (CIIU) okusamele uphume mayelana nethenda ka-R500 million eyakhishwa ngenhloso yokuthi kushintshwe amalambu asemgwaqweni. Uthe okwakusolisa ngayo, yisamba semali esikhulu, ekubeni umasipala wabe usuwathengile ama-globe okumele ashintshwe.