Basonga ukumangalela isikhulu sikaMasipala weTheku ngolwe-ANCWL

373

LUCKY CAIN

KUBHEKWE ukuba sithathelwe izinyathelo isikhulu sikaMasipala weTheku emuva kokuphothulwa kophenyo lweCity Integrity and Investigations Unit (CIIU) mayelana nesivumelwano esenziwa yilo masipala neNkosi Albert Luthuli International Convention Centre. Ngokuthola kweLANGA, iCIIU – okuwuphiko oluphenya ngenkohlakalo kuMasipala weTheku – lwayalelwa yi-Action SA ukuba luphenye ngalesi sivumelwano esasithinta ukuhlelwa kwengqungquthela ye-ANC Women’s League KwaZulu-Natal eyayingoNcwaba (August) walo nyaka.

I-Action SA yathola ukuthi umasipala wenza isivumelwano nale ndawo ukuze i-ANCWL yenzele kuyona ingqungquthela yokukhetha ubuholi.  Kwavela ukuthi umasipala wawuhlela umcimbi wokubungaza abesifazane -njengoba uNcwaba kuyinyanga yabo eNingizimu Afrika.

UMnu Zwakele Mncwango we-Action SA (osesithombeni), waveza ukuthi lo mcimbi wagcina ungenzekanga  kwazise ngalezo zinsuku  kwakunengqungquthela ye-ANCWL e-ICC. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, uphenyo ngokwenzeka ngalesi sivumelwano, seluphothuliwe njengoba esinye seziphakamiso sombiko walo sithi uMnu Sipho Cele, oyiphini lemenenja yalo masipala, makathathelwe izinyathelo
ngokusayina kwakhe lesi sivumelwano.

Kulolu phenyo kuvela ukuthi uMnu Musa Nciki, ongunobhala we-ANC esifundeni iTheku, waxhumana noCele ngalesi sivumelwano. Kuvela ukuthi nakuba umasipala ugcine ungayikhokhanga imali yesivumelwano elinganiselwa ku-R4.7 million, kodwa isenzo sikaCele saba wukwephula umthetho olawula omasipala.

UMncwango uthe beyiqembu bazimisele ukuvulela uCele icala lobugebengu, nabo bonke abathintekayo kule nkohlakalo. Uthe bazobhalela nosomlomo walo masipala, uMnu Thabani Nyawose, ngesiphakamiso sokuba kuhlakazwe ibhodi ye-ICC futhi kugudluzwe noCele esikhundleni sokuba yi-electoral officer

Iphunzile imizamo yokuthola uNciki njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe. 

Okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana, unxuse ukuba athunyelelwe imibuzo nge-e-mail, wathembisa ukuyiphendula uma esethole yonke imininingwane efanele.

Previous articleOsopolitiki ngomalal’ ephenduka njenge-penguin
Next articleAbeseka uSimakade sebebona uRamaphosa njengesitha sokuqala