PHUMLANI GAMA
USONGA ngokulwa kuze kunqamuke izandla uninalume womfundi ojeziswe ngokumba umgodi olingana naye ngobude ngoba kuthiwa ugolozela othisha besikole iCharles Hlengwa High, eMgababa, eThekwini. UMnu Sabatha Biyela onguninalume kaTholithemba Ntshangase(18), uthi emasontweni amabili adlule ubizelwe esikoleni, watshelwa ukuthi umshana wakhe akabahloniphi othisha, ugqoka impahla engavumelekile esikoleni. Uthi ubiziwe umshana wakhe ukuze azochaza uhlangothi lwakhe. Uthi ukwamukele ukuthi umshana wakhe usephutheni futhi kufanele ajeziswe ngokuthile. Ngemuva kodaba utshelwe ukuthi ngeke ashaywe, kusazobhekwa umsebenzi azonikwa wona ngenhloso yokumjezisa.
“Ngitshelwe ukuthi uthishanhloko wesikole uzoxhumana nomunye wezisebenzi zesikole oqashelwe ukuhlanza igceke, nguyena ozobheka umsebenzi ofanele umfundi. “NgoLwesine olwedlule, ngezwa ngezingane zalapha ekhaya ukuthi umshana uphuma nepiki nefosholo njalo ekuseni bese ebuya emuva kwesikhathi esikoleni. “Ngalolo suku kuphume indodana iphethe ukudla ikuhambisa esikoleni. Umshana uqale ngo-Lwesibili olwedlule ukumba umgodi okuthiwe ngowokulahla udoti esikoleni. Ngizifikele khona emagcekeni esikole, ngathola ingane kadadewethu imba umgodi, ezinye izingane seziphumile esikoleni. “Bazamile ukungivimba, bethi akufanele ngingene esikoleni, ngabatshela ukuthi ngizothatha ubufakazi, okuhlanganisa namathuluzi aphuma nawo. Ngithathe nezithombe zakhe emba umgodi,” kusho yena.
Usonge ngokuthatha izinyathelo zomthetho. “Angikholelwa ekutheni kufanele kube nabathile abaphelelwa wumsebenzi egameni lomshana wami, kodwa kufanele bakuqonde ukuthi sisazohambisana ngalolu daba. “Inkinga esibhekana nayo wukuthi iningi lothisha linokubukela phansi abantu, ikakhulukazi ezikoleni eziphethwe ngabantu abamnyama, ezindaweni zasemakhaya. Ngizibonele mina ingane imba umgodi njengokomyalelo wesisebenzi sesikole naso esinikwe nguthishanhloko umyalelo,” kusho uMnu Biyela. Umfundi utshele ILANGA ukuthi isono sakhe wukungavumelani nokukhumula ijezi ayeligqokile ngosuku elingagqokwa ngalo. “Inkinga kwaba wukuthi ngifike ngigqoke isikibha esinemikhono emide ngaphansi kwehembe elinemikhono emifushane.
Othisha ababili bangihlasela ngamazwi, bathi kuphambene nomthetho. Ngasikhumula isikibha ngafaka ijezi lesikole kodwa elinosuku eligqokwa ngalo. Kwathiwa ngiyedelela. Ngiyavuma ukuthi nami angikwazanga ukuzehlisa njengengane kubona, ngaphakamisa izwi. “Uthishanhloko wathi mangifike nomzali. Ngafika naye lwakhulunywa udaba, kwathiwa ngizogwetshwa ngokunikwa umsebenzi. Ngeledlule ngoMsombuluko, umuntu ohlanza igceke lesikole, wathi uthunywe nguthishanhloko ukuba ngiphathe ipiki nefosholo ngimbe umgodi wokulahla udoti, olingana nami ngobude. “Wathi yisona sijeziso sami leso. Kusuka ngoLwesibili olwedlule uma kuphuma abafundi mina ngisala ngimbe umgodi. Ngolunye usuku umzala wami wangilethela ukudla, wajikiswa kuthiwa akavumelekile ukungena esikoleni ngoba ezinye izingane nothisha sebephumile.
“Ngizoqhubeka nokuwumba umgodi akukho okunye. Ngosuku okwathiwa mangifike ngalo nomzali, kwakuthiwe uzonikezwa incwadi yokukhululwa kwami ukuyongifunela isikhala kwesinye isikole ngoba kangisadingeki kulesi,” kusho umfundi. ILANGA lixhumane noMnu Msomi onguthishanhloko, oveze ukuthi kusuke umsindo ngesikhathi umzali engena ngenkani esikoleni ezothwebula izithombe. Uthe kakusona isikole esiyalele umfundi ukumba umgodi. “Namanje ngisazibuza ukuthi kungani umzali womfundi engene esikoleni eyimpi, wathatha izithombe. Ngeke ngiphike futhi ngeke ngivume ukuthi sihlangene yini nokujeziswa komfundi ngoba kanginalwazi ngenhloso yomzali osethathe udaba walufaka emaphephandabeni,” esho.
ILANGA linikele esikoleni, okuthe uma lizethula, unogada wakhiya ingidi, wayalela izintatheli ukuthi kazivumelekile ukungena ngaphakathi kwesango. ILANGA lizame kaningi ukuthola ukuphawula koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. Ucingo lukaMnu Muzi Mahlambi owukhulumelayo, belungabanjwa Imibuzo ayithunyelwe kubonakale sengathi uyifundile kodwa wangayiphendula. NoMnu Siqiniseko Shezi owukhulumelayo, ucele ukuthunyelelwa imibuzo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.