Basolwa ngokunyamalala kowesilisa wasendaweni
bakhiphe iqiniso ngowesilisa owanyamalala. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
PHUMLANI GAMA
KUXEGA ibhulukwe wuvalo kumelaphi wendabuko omhlophe waseJozini nakugobela wakhe, abathi kabasakwazi nokulala ubuthongo ngenxa yokusongelwa ngokubhaxabulwa kuze kusale umndondo uma bengalikhulumi iqiniso ukuthi bamthatha bamyisaphi uMnu Khwezi Ntshangase (60), osekunezinyanga ezintathu wanyamalala.
UMnu Kevin “Dr Sizabantu” Bower noMnu Moses “Khweshamfana” Mbhamali, bathi indaba isuke emuva kokuba omunye umelaphi, onguMnu Nhlanhla Vilane, ebanjwe yiqulu lomphakathi lamshaya ngenduku, wagcina elinika amagama abo, wathi uMnu Ntshangase bamenzakalisa, bamphosa emfuleni.
UMnu Bower uthumelele ILANGA isitatimende, ecela usizo lokuvikelwa ngoba enovalo ngokuphepha kwakhe. Uthi kuthiwa nguyena onolwazi ngokunyamalala kukaMnu Ntshangase obengumakhelwane wakhe.
“Kuthiwa ngamthatha ngayombulala ngibambisene nogobela wami, uKhweshamfana. Iyangixaka le nto ngoba yimina owahamba nengane kaMnu Ntshangase,
sayobika emaphoyiseni ngokunyamalala kwakhe. Ngangingeke ngikwenze lokho uma wayethathwe yimina ngoba uphenyo lwa-luzodla mina.
“Nginovalo ngoba kuthiwa kufanele ngishaywe ukuze ngikhulume iqiniso. UVilane bamshaya wagcina esekhuluma iphutha ethi wamthatha lo muntu ebambisene nathi,” kusho uMnu Bower.
UMnu Mbhamali uthe uMnu Ntshangase owayeqashe endlini yakhe wanyamalala emuva kokusatshiswa ngelinye ilungu lomphakathi ngokuthi kufanele aboshwe ngoba uthandana nenga-ne eneminyaka ewu-15 ubudala futhi ekhubazekile.
“Sizwa kuthiwa kwafika umuntu owambiza ngegama, wathi kufanele aboshwe u…(emgagula) ngoba uthandana nengane encane futhi ekhubazekile, (ayekade ehleli nayo ngalelo langa). Ngalolo suku, wakhipha le ngane ngesankahlu wayixosha, akabange esabonakala emuva kwalokho.
“Emuva kwesonto enyamalele, uBower wathatha enye ingane yakhe eneminyaka ewu-14 ubudala, wayobika emaphoyiseni aseJo-zini. Induna yabikelwa, kwaphuma abantu wafunwa lo muntu emahlathini, okwathi kusenjalo, sezwa sekuthiwa kusolwa thina ngoku nyamalala kwakhe.
“Ngeledlule kwafika abazibiza ngesikebhe, bathumba uVilane, bamshaya izinsuku ezine wagcina evuma into angayazi. Nokhoke ngeke simphikele kodwa ngoMgqibelo simvakashele esibhedlela eNgwelazane ngoba yindoda esiyaziyo futhi eselapha nayo abantu.
“Usitshele ukuthi ugcine esevuma ukuthi uyakwazi ukunyamalala kukaNtshangase ngoba ubezama ukuziphephisa,” kusho uMnu Mbhamali othi akasemningi kwakhe ngenxa yokwesaba ukutitinywa. Mina kangikwesabi ukufa, nginovalo ngokuphepha kwezinga-ne nabafazi bami nje kuphela.
ILANGA lihlulekile ukuthola indawo okudabuka kuyona uMnu Ntshangase okuthiwa akuyena owendawo njengoba kuvela izindawo eziningi ukuthi uke wahlala kuzo, kubalwa uMtubatuba, iKwaNongoma naseMkhuze.
UMnu JB Gumede, oyinduna yendawo owale waphetha negama lakhe uthe lolu daba lubi futhi sekuthinteke abantu abaningi ngalo, besolwa ngokunyamalala kukaMnu Ntshangase.
“Kakuqali ukuthi kunyamalale umuntu lapha endaweni maqede kusolwane kuze kushaywane njengoba kwenzeka nango-2019. Elinye ilungu lomphakathi lanya malala lingabikelanga muntu, umphakathi wahlangana, kwahlanganiswa imali kwayiwa kubantu ababonayo.
“Bathi ukhona lo muntu uvalelwe ndawana thile, akakabulawa. Kwathi emuva kwezinyanga, sabona ngomuntu efika futhi engenazimpawu zokuhlukunyezwa.
“Kwabizwa umphakathi, kwathiwa makazochaza, wawutshela ukuthi yena wathathwa yimoto eyayifuna abantu abazosebenza ezingodweni wahamba nayo.
“Namanje kusengenzeka lokho. Mina njengenduna kangihlangani nokusebenza kwesiKebhe futhi siwuhlaka oluzimele, olungabiki kumuntu, lwenza izinto ngendlela yalo,” kusho uMnu Gumede.
ILANGA lixhumane noMnu Sibongiseni Buthelezi, ongumholi wesiKebhe othe akanalo ulwazi ngalolu daba. Uthe ubengekho endaweni futhi usadonsa isigwebo seminyaka ewu-5 sokuba angalinge atholakale eyingxenye yokushaywa kwabantu ngaphansi kwegama lesiKebhe. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba uCol Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, engathjolakali ocingweni lwakhe. Uthunyelelwe nomyalezo kaWhatsApp ogcine ungaphendulwanga.