Batakulwe ngezizumbulu abakweleta amanyuvesi 

247

MTHOBISI SITHOLE

ZIZOLEKELELWA ngoxhaso lokukhokhelwa izikweletu ezikhungweni zemfundo izitshudeni ezisobishini lwezikweletu. Lokhu kuvezwe yiMoses Kotane Institute (MKI), ihlomulisa i-University of KwaZulu-Natal ngo-R20 million ozofakwa ezikweletini zezitshudeni. 

Phakathi kwezikhungo ezizohlomula kubalwa iDurban University of Technology (DUT), iMangosuthu University of Technology (MUT) ne-University of Zululand (Unizulu). 

I-MKI ngokubambisana nesikhwama esisanda kusungulwa, i-merSETA Skills Development Fund, isiza ekudambiseni izinkinga ezibhekene nabafundi abakweleta izikhungo zemfundo ephakeme. Iveze ukuthi lolu sizo ngolokubhekelela abavela emindenini ehlwempu.

Obambile kwesomqondisi wesikhwama sase-UKZN, uMnu Steve Camp, uthe lolu xhaso lwehlisa umthwalo ezitshudenini eziswele njengoba izwe libhekene nobunzima kwezomnotho. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuqhume umkikizo kugwetshwa iphoyisa kwelokubulala ingoduso
Next articleWINA ithangi elilodwa kwamabili, angu 2500 amalitha e-Buildrite libiza uR1899.99 lilinye