Bathelwe amachaphazelo ababulawe nenduna yesifazane

397

NONHLAKANIPHO SHINGA

USATHUKA izanya umndeni wenduna yesifazane yaseReserve, ngaphandle kwelokishi iVukuzakhe, eVolkrust, ehlaselwe ngabesilisa abangaziwa yashone nendodana yayo nomakhelwane ababili. ILANGA lihambele umndeni kaNkk Nonina Mahlaba (42), obulawe nendodana yakhe uMnu Thando Mahlaba (20), nomakhelwane ababili u-Asanda Zikhali 91) no Nkk Shonaphi Mbatha (59), athe namanje akukho okubambekayo nabangathi bayakusola ngokuhlaselwa kwabo.

UNkz Nonhlanhla Nhlengethwa, obekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko, uthi ngezithuba zabo-7:30 ebusuku ngeSonto kungqongqoze ozibize ngegama lomuntu wakamakhelwane.
“Ngaleso sikhathi bese silele, umama uphumile wayovula nokuyilapho kube sekuqhuma isibhamu. Sibaleke sayocasha emakamelweni, indodana yakhe uThando, yaphuma iyobheka ukuthi kwenzakalani, nokuyilapho idutshulwe khona ngemuva kokudutshulwa kukamngani wayo wakamakhelwane u-Asanda (19), obevakashile”,kulandisa yena.

ILANGA lithole ukuthi uNkz Mahlaba ubedutshulwe engalweni wakwazi ukubaleka wayongena ensimini yakwamakhelwane, ememeza ecela usizo.
Bathi omakhelwane mabephuma bezomsiza kwavele kwacisha ugesi, kwaqhuma isibhamu nokuyilapho behlakazeke khona bebaleka. Ilapho kuthiwa kube sekulimala uNkk Shonaphi Mbatha (52).
Kuthiwa ababulali baqonde ngqo ensimini lapho bebelele khona bengakashoni, badubula induna yashonela khona lapho nomakhelwane wayo obephumele ukuzosiza.

“Kuyimanje kasikwazi nokulala ngoba kasazi ukuthi udutshulwa nje bekubangwani ngoba abasolwa baqale bafuna i-safe kuThando. Uthe uma ethi kayikho babe sebefuna imali wathi akanayo maqede bamdubula. Ukubulawa kwalaba kuthuse abaningi endaweni njengoba bekuphithizela nezimoto zamaphoyisa eduze kwalapho kwenzeke khona isigameko.
ILANGA lihlebelwe yiphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ukuthi ngokuphenyo lwabo kuyabonakala ukuthi abasolwa bebevele befuna uNkk Mahlaba, laba abanye bathelwe ngamachaphazelo.

“Umfana wakamakhelwane uvakashe ngesikhathi esibi, wabe esebulawa ngoba ubekhona. Nomakhelwane lona ufele ukuthi ubesiza bebengahlosiwe ngokubona kwethu,” kusho yena.
UNkk Bongi Sithole Moloi, uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, ukhuze isihlava sokubulawa kwabaholi bezomdabu, wathi abomthetho kumele babhukule baboshwe ababulali baNkk Mahlaba.

Ngale ngokuba yinduna ubephinde abe ngusomabhizinisi kanti umyeni wakhe washona ngoNtulikazi (July) wangonyaka odlule.
UThando ubulawa nje ubelungiselela ukuya kwinhlolokhono kwelinye lamaqembu ebhola akhona eThekwini njengoba udadewabo ethi ubezifela ngokudlala ibhola.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netsuinda, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe amacala amane okubulala, bekungakaboshwa muntu.
Umphakathi waseReserve uzwakalise ukuthuka ngokwenzeka kwalesi sigameko njengoba imindeni emithathu ilungiselela ukugcwaba abathandiweyo babo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUkuvulwa kwezikole kudale umunyu kumfundi ongaphilile
Next article‘Ungagwemeka umonakalo wezulu’