BATHEMBISA LUKHULU ABAXHASI BAMABHOKOBHOKO NGENDEBE YOMHLABA

1198

NHLANHLA HUDLA

USIYA Kolisi uzokuba ngukaputeni wokuqala omnyama ukuhola AmaBhokobhoko kweyeNdebe yoMhlaba ezokuba ngenyanga ezayo eJapan, kanti amathemba abekwe kubadlali abafana noSbu Nkosi (okwesokudla)
ukunqobisa elakuleli.

BATHEMBISA lukhulu abaxhasi beqembu lesizwe lakuleli le-rugby, AmaBhokobhoko, elibhekene nenselelo yokubuyisa isithunzi salo emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ezokuba seJapan nge-nyanga ezayo.
UVaughan Croeser oyiBrand Ambassador yakwaCastle, utshele ILANGA ukuthi njengoba beseka wonke amaqembu esizwe akuleli adlala emiqhudelwaneni emqoka, namaBhokobhoko bazoweseka ngakho konke ukuze ahambe ibanga elide kulo mqhudelwano.
“Siyazi ukuthi imidlalo yamaqembu esizwe ihlanganisa izinhlaka ezahlukene. Sihlele ukwenza umkhankaso obizwa ngeHeartbeat. Inhloso yawo ukuthi iqembu lakithi liwuzwe umuzwa wokwesekwa noma lisemazweni. Uma AmaBhokobhoko engafika kuma-semi-final endebe yomhlaba siyokwenza isiqiniseko sokuthi abalandeli siyabajabulisa,” kusho uCroeser.
Selilonke iqembu elizomela iNingizimu Afrika kweyomhlaba limi kanje
ABAPHAMBILI
USteven Kitschoff (Stormers), uTendai Mtawarira (Sharks), uSchalk Brits (Bulls), uBongi Mbonambi (Stormers), uVincent Koch (Sacarens /England), uFrans Malherbe (Stormers), uTrevor Nyakane (Bulls), u-Eben Etzebeth (Stormers), uLood de Jager ( Bulls), uFranco Mostert ( Gloucester /England), uRG Snyman ( Bulls), uSiya Kolisi ukaputeni (Stormers), uFrancois Louw (Bath/England), uKwagga Smith (Lions), uPieter Steph du Toit (Stormers ) noDuane Vermeulen( Bulls).
ABASEMUMVA
UWillie le Roux ( Toyota Verblitzl (Japan), uWarrich Gelant (Bulls) , uCheslin Kolbe (Toulouse/ France ), uSibusiso Nkosi (Sharks ), uJesse Kriel ( Bulls ), uLukhanyo Am (Sharks), uFrancois Steyn (Montpellier/France), uMakazole Mapimpi (Sharks), uHandre Pollard ( Bulls ), uHerschel Jantjies (Stormers ), uFaf de Klerk (Sale Sharks / England) noCobus Reinach (Northampton Saint/England).
Kuzo ezebhola lombhoxo, ICell Sharks isethubeni lokungena kowamanqamu omkhumulajezi njengoba izogadulisana neCheetahs kowe-Currie Cup ngoMgqibelo ngo-17h00 eToyota Stadium, eFree State. Leli qembu laseThekwini liyizimfivilithi ukunqoba lo mdlalo kwazise seligijime kweyamanqamu iminyaka emibili ilandelana.
Isiyonke imidlalo yeCurrie Cup ngempelasonto iqhathwe kanje:
NGOMGQIBELO
E-Emirates Airline Park: Lions vs Griqaus 14h00.
EToyota Stadium: Cheetahs vs Sharks 17h00.

Previous articleUcasulwe yisenzo sabalandeli beChiefs
Next articleIMIBUZO ENGAPHENDULEKI NGOKUFA KUKA-GAVIN WATSON