i-Africa Mamas ithole ukucotshelelwa ngabeLadysmith Black Mambazo
LUCKY CAIN
LINETHEMBA lokuthi seku-ntwela ezansi ngokunqoba kwalo izindondo iqembu labe-sifazane lesicathamiya, i-Africa Mamas, elithole ithuba eliyingqayizivele kuleli sonto lo-kucotshelelwa ngolwazi yiLadysmith Black Mambazo eBat Centre, eThekwini ngoLwe-sibili.
I-Africa Mamas esineminyaka engaphezulu kwewu-20 yasungulwa, iyingxenye ya-maqembu acotshelelwe ngolwazi ngapha-nsi kwesikhungo esiwumahamba-nendlwana, iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy. Kulesi sikhungo iMambazo ese-yike yahlomula ngezindondo eziwu-5 ze-Grammy Awards, ihambela amadolobha ahlukene eNingizimu Afrika icobelela ngolwazi amaqembu omculo wesintu, ika-khulukazi ongazisebenzisi izinsimbi (acapella).
Likhuluma neLANGA ilungu le-Africa Mamas, uNtombi Lushaba, lithe nakuba sebeneminyaka bekulo mkhakha kodwa ukuthola ithuba lokusebenza neMambazo kusho lukhulu kubona.
“Nathi njengeqembu lesicathamiya ku-ningi ebesihlale sikubuka kwenziwa yiMa-mbazo futhi sifise ukulandela ezinyathe-lweni zayo,” kusho uNtombi. Uthe phaka-thi kwezinto abebehlale befisa ukucotshe-lelwa ngazo, yindlela leli qembu elinyakaza ngayo ngokufana.
“IMambazo ngeke ungayithokozeli esiteji ngoba indlela eyenza ngayo, kuyasho ukuthi iyazimisela futhi iyawuhlonipha umsebenzi wayo. Nathi sikwazile ukucosha indlela enyakaza ngayo ngendlela efanayo ezojabulisa abantu,”esho.
Uqhube wathi okunye abakufundile kulesi sikhungo seMa-mbazo, yidlela yokusebenzisa imibhobho yokucula ngendlela engeke iphazamise amaphimbo abo, ikakhulukazi njengoba becula ngaphandle kwezinsimbi.
Uveze ukuthi i-Africa Mamas isike yaha-mbela inqwaba yamazwe okubalwa kuwo i-United Kingdom, iBelgium, iNamibia ne-United States of America.
“Sesike saqokwa nasemicimbini yezi-ndondo eyahlukene okubalwa noweSouth African Music Awards kabili kanti sesike sahlungwa nakumaGrammy kodwa sagcina singafinyelelanga esigabeni sokuqo-kwa,” kusho yena.
Uthi ulwazi abaluthole kwiMambazo lu-banika ithemba lokuthi akusekude nabo bahlomule ngezindondo.
leli qembu lithole nethuba lo-kuqoshelwa izithombemnyaka-zo zomculo (music videos) ngaphansi kohlelo lwalesi sikhungo.
UMnu Xolani Majozi oyime-nenja yeMambazo, uthe ngemuva kokuphazamiseka ngenxa ye-Covid-19, sebeyaqhubeka nomsebenzi wesikhungo njengoba behlele ukuhambela izifundazwe abangakwazanga ukuzihambela. Kulezi zifundazwe kubalwa iNorth West neWestern Cape, athe bazozihambela ekupheleni kwale nyanga.
Uthe bahlela ukuthi ngenyanga ezayo benze indumezulu ezokhonjiswa ezinku-ndleni zokuxhumana lapho kuzonandisa wonke amaqembu abawatholile bawaqo-pha ezifundazweni abazihambelile.