Babaleke oPhongolo baya eHluhluwe, lapho befike badlwengula owesifazane ubusuku bonke
PHUMLANI GAMA
BATITINYWE balihlanza lonke iqiniso ngokuthi balibulale kanjani ikhehla abalidune nemoto yalo eMphafeni, oPhongolo, abalisa ababili abalahlwe ngelakubo besaqhubeka nokugila imikhuba KwaMduku, eHluhluwe. Isidumbu sikaMnu Ngenaphi Magagula (61) sitholwe silahliwe ehlathini elibude buduze nomshini kashukela oPhongolo ngoLwesibili. Umufi ubegcine ukubonwa ngoMgqibelo ngemuva kokuba eholelwe oPhathe ngowesilisa ongumakhelwane wakhe, okuvela ukuthi wafika ezocela umufi ukuba ayomthathela impahla yokwakha edolobheni oPhongolo.
Umndeni uqale ukushaya amakhala ngoba ubona kungena imiyalezo ngokukhishwa kuphindelela imali kwiakhawunti kamufi edolobheni laseHluhluwe ocingweni lwakhe abelushiye ekhaya. Isiqophamkhondo semoto (tracker) sikhombise ukuthi imoto ihamba eMbazwane, KwaMhlabuyalingana nokuqinise izinsolo zokuthi kukhona okwehlele umufi. Umsolwa wokuqala, ILANGA elinalo igama lakhe, kuvele ukuthi ugile lo mkhuba nomngani okuvela ukuthi ungowaseMtubatuba. Ukuboshwa kwabasolwa kuza ngemuva kokuba benikelwe ezandleni zamaphoyisa wuphiko olulwisana nobugebengu emphakathini, iCommunity Policing Forum (CPF), kulandela ukubanjwa kwabo emzini abebefikele kuwona ngemuva kokudlwengula owesifazane beshintshana ngaye ubusuku bonke ngoMsombuluko.
Ngokusho kukaMnu Samson Mkhwanazi, ongusihlalo walolu phiko, kusebenze inkantolo yasehlathini maqede abasolwa balihlanza lonke iqiniso. “Ngithinte abafana bami engisebenza nabo kanye namadoda endawo saphuma umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngoba besekubikiwe ukuthi bahamba ngemoto emhlophe. “Kuthe uma sibabuza ngemoto basitshela ukuthi bayinikwe ngumfowabo. Sikuzwile lokho sakubeka eceleni, sanxusa ukuba sikhulume njengamadoda. “Sikhulume udaba lokudlwengula intombazane, abashintshane ngayo ubusuku bonke. “Babekwe izandla zemithandazo, ngodaba lokudlwengula bagcina sebevuma ukuthi imoto akuyona ekamfowabo kodwa umnikazi wayo bambulele.
“Basitshele isibongo sakhe umnikazi wemoto. Kube yilapho sibize amaphoyisa afika endaweni yesigameko. “Amaphoyisa afike asitshela ukuthi ozakwabo basoPhongolo balandela umkhondo wokulahleka kwayo le moto. “Laba bafana bahole amaphoyisa bayowakhomba isidumbu somuntu omdala bachaza nokuthi bambulale kanjani,” kusho uMkhwanazi. UMnu Bongani Magagula, oyindodana kamufi, uthe isidumbu sikayise sitholalwe sesiqala ukonakala. “Amaphoyisa asivezele ama-video ekhombisa imoto ingena edolobheni ishayelwa ngubaba.
“Kwezinye iziqephu kubonakala imoto ingena edolobheni engasekho ubaba. Ubaba ubulewe ngokuklinywa.
“Kusolakala ukuthi babuye basebenzisa izintambo zamateki ezitholwe eduze kwesidumbu sakhe. “Ubaba ubesanda kuthatha umhlalaphansi, ubefundisa Ongane Combined School, eVryheid.“Laba bambulale ngoba bazi ukuthi unezimali zakhe. “Iningi imali abayikhiphile. Sithole ukuthi babanjwe sebeqalile ukukhangisa ngemoto, beyithengisa ngamanani aphansi, kodwa behluleka,” kusho uMagagula. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa asoPhongolo abophe abasolwa ababili ngecala lokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesilisa ehlathini eliseduze komgwaqo onguthelawayela, uN2. “Kuthiwa umufi wahamba emzini wakhe nomsolwa ongowesilisa owaziwayo. “Isidumbu sakhe sitholwe ehlathini eliseduze komgwaqo uN2, sinezimpawu zokuklinywa,” kusho uConst Ngcobo.