Umntwana uhlonishwe ngochungechunge lwemicimbi nomqhudelwano webhola Olundi
INTATHELI YELANGA
UTUSWE ngobuhlakani nokuzinikela ekwakheni isizwe uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ohlonishwe ngochungechunge lwemicimbi ebeyihambisana nomqhudelwano webhola iPrince Mangosuthu Legacy Cup, ebisoLundi ngempelasonto. Emcimbini obukhethekile, obuhlelwe wuMasipala wesiFunda iZululand, esikhumulweni sezindiza iPrince Mangosuthu Buthelezi, oLundi, ngoLwesihlanu, izikhulumi ziqhakambise imisebenzi kaShenge, obengekho kulo mcimbi ngenxa yomyalelo kadokotela wokuphumula ukuze alulame. Isikhulumi esiqavile kulo mcimbi uMbhishobhi Thabo Makgoba, webandla lamaSheshi, sichaze umntwana njengengqalabutho engahlonishwa eNingizimu Afrika kuphela, kepha emhlabenijikelele.
“Imvamisa uma sikhuluma ngoMntwana waKwaPhindangen ezinhlakeni ezehlukene, sivame ukugcina sesiphindaphinda into eyodwa sonke, ngenxa yokuthi siyawazi amagalelo akhe.m “Umlando wakhe usobala futhi akulula ukuwuziba. Ungumholi okhethekile njengoba nomlando uyiveza imisebenzi yakhe,” kusho uMbhishobhi Makgoba. Imeya yaseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ihambe emazwini ombhishobhi, yathi uShenge ungumholi oqotho futhi ohlale enelukuluku lokuphucula impilo yomuntu omnyama. “Umholi wethu uShenge sikhule siyibona imisebenzi yakhe emihle, yingakho namhlanje senza lo mcimbi ukumhlonipha yena namagalelo akhe. “Ubuqotho abutshengisile nasihole ngabo yibo lobu nathi obusigqugquzelayo, obuyisimiso emsebenzini esiwenzayo wokuthuthukisa umphakathi nokuwuhlinzeka ngezidingo,” kusho uButhelezi.
Umyalezo wokuzibongela ngokuhlonishwa esaphila kaShenge, ufundwe yindodana yakhe, uMntwana uZuzifa Buthelezi. Izicukuthwane zalo mcimbi obuwubukhazikhazi, obuphethwe ngumsakazi weGagasi FM, u-Alex Mthiyane, zithokozele ulozolo lomculo wesilomo uMbuso Khoza neqembu lakuleli eselihlonishwe ngamaGrammy Awards, iLadysmith Black Mambazo. Ziphinde zabukela ifilimu ekhombisa umlando ngempilo nemisebenzi kaShenge. NgoMgqibelo kube nomqhudelwano iPrince Mangosuthu Cup obudidiyele amakilabhu amane okuyiRoyal AM, AmaZulu FC, yiRichards Bay FC neyaseSwazini, iMbambane Swallows. Le ndebe igcine iqukulwe yi-AM eshaye Usuthu ngo-1-0 kowamanqamu.