Kuthiwa udlala nesitokofela ngemali yesikole ehlangene namalungu alawula isikole
PHUMLANI GAMA
KUSUKE esinamathambo ngo-Lwesihlanu amalungu omphakathi evala thaqa iHlokohloko Primary School eMboza, KwaMhlabuyalingana, axosha uthishanhloko namalungu esigungu esilawula isikole ebasola ngokuphenduka omashonisa ngemali yesikole futhi badlale ngayo isitokofela.
Omunye wabazali abebehola lo mbhikisho, uMnu Vukani Mthembu, uthe sesiside isikhathi baqala ukuzwa ngalo mkhuba.
“Ngaphambi kokuba sifinyelele kulesi sinqumo, sitshelwe ngabaxoshwe ekubeni ngamalungu esigungu esilawula isikole ukuthi idliwa bume imali yesikole.
“Omunye walesi sigungu udlala isitokofela ngayo le mali, ngaphezu kwalokho, kusiphathe kabi kakhulu ukubona usihlalo wesigungu eseqashiwe ukuhlanza isikole ngaphandle kokukhangiswa kwesikhala.
“Sifuna incazelo ecacile kuzo zonke lezi zinto. Kumanje bayabaleka, kabafuni ukukhuluma nathi. Njengoba bebaleka nathi sizobatshela ukuthi kasisabadingi kulesi sikole. Sizobabiza thina ngosuku olufunwa yithi lapho sifuna bazosichazela ukuthi isebenze kanjani imali yesikole,” kusho uMnu Mthembu.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uNkz Sibongile Manukuza, uvele wabhoka ngolaka uma ebuzwa ngalolu daba wathi akukho azokuphawula ngalo ngoba selubikwe nasemnyangweni.
“Besinomhlangano ngalolu daba, lusemnyangweni, buza wona,” kusho yena.
Induna yendawo, uMnu Nduna Jobe, ithe bekunomhlangano ovele esithubeni lapho bekunamekwa uthishanhloko nesigungu ngezinsolo ezibucayi.
Ithe kugcine kuvunyelwane ngokuthi izingane ziqale ukubuyela esikoleni kodwa uthishanhloko nesigungu bangabe besabuya kulesi sikole.
“Basolwa ngokudlala izitokofela ngemali yesikole. Umphakathi uyavutha bhe, uthi ufuna izincazelo ezicacile ngokusebenza kwemali yesikole,” kusho uMnu Jobe.
ILANGA lizamile ukuxhumana nothishanhloko ukuba aphawule kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemilayezo athunyelelwe yona akayiphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokugaya.
Okhulumela uMnyango weze-Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe umnyango usuqale uphenyo ngalolu daba. Uthe amalungu omphakathi akufanele azithathele umthetho.
“Ngikhuluma nje umnyango usuqale olwawo uphenyo ngalezi zinsolo. Siyanxusa ukuthi umphakathi uvele nobufakazi maqondana nezinsolo ozishoyo,” kusho uMnu Mthethwa.