SANDILE MAKHOBA
BAHALALISELWE ngokuphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika abaculi bakuleli uZahara noMaster KG (osesithombeni), abahlabane ngezindondo eminxeni abebekhethwe kuyona emcimbini wokunikezelwa ngezindondo obizwa nge-African Entertainment Awards USA (AEAUSA) obuse-USA, ngeledlule.
UMaster KG ubekhethwe kwiSong of The Year kanti uZahara ubekhethwe kwiBest Female Artist in East/South/North Africa.
Ekhuluma neLANGA uMaster KG, uthe kumjabulise kakhulu ukuhlabana ngale ndondo wathi lokhu kusho ukuthi umculo wakhe ususabalele umhlaba wonke.
“Ngijabule kakhulu ukuthi ingoma yami iJerusalema iphumelele. Kwenzeke into ebengingayilindele, kwazise baningi abaculi abasezingeni eliphezulu abengikhethwe nabo,” kusho leli ciko laseLimpopo.
Lithe ngenxa yesimo esikhona emhlabeni sokuhlasela kweCoronavirus, akakwazanga ukuhambela lo mcimbi. Lizwakalise ukuba nethemba ngokuthi lokhu kuzolivulela amathuba nakwamanye amazwe, kulakhele abalandeli ezindaweni ezahlukene.
“Nginethemba ukuthi nangonyaka ozayo uma kukhona umculo omusha engiwukhiphayo, uzoba nesasasa njengayo iJerusalema. Ngibonga kakhulu kuNomcebo (Zikode) ngeqhaza alibambile ngesikhathi senza le ngoma nokusebenzisana okuhle okubekhona phakathi kwethu,” kusho yena.
UMaster KG ubebalwa namaciko ashisa izikhotha kulo nyaka. Ngaphandle kweJerusalema, yena noNomcebo benze ingoma ethi “Xola Moya Wami”.
UZahara ubhale ezinkundleni zokuxhumana wathi ukuhlabana kulo mncintiswano kusho lukhulu kuyena.
“Lo nyaka ubunzima kithina sonke, ngakho-ke kusho lukhulu ukuthi uphele ngale ndlela ophele ngayo ngiphethe indondo yaphesheya kwezilwandle,” kusho yena.
Abaculi bakuleli bahalalisele la maciko ngokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba, bathi benza baziqhenye ngokuba ngabase-Ningizimu Afrika.
Naba abane abaculi Abahlabene eminxeni eyahlukene ngaphansi kwe-East/South/North Africa:
* Best Male Artist: Diamond Platinumz (Tanzania);
* Best Female Artist nguNandy (Tanzania);
* Best Hip Hop/Rap Artist – ElGrandeToto (Morocco);
* Hottest Group: Sauti Sol (Kenya).