Bavele enkantolo “abadlwengule” onogada

452

NONHLAKANIPHO SHINGA

BAVELE izolo ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseThekwini abasolwa abawu-8, ngecala lokudlwengula bephindelela onogada abathathu besikhungo soMnyango wezokuThutha esiseMerebank, eThekwini, entathakusa yangoLwesibili. 

Kuthiwa abasolwa bangene kulesi sikhungo esinonogada abawu-6, babopha abesilisa egunjini elilodwa, bavalela abesifazane kwelinye, babadlwengula bebakhombe ngezibhamu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ngecala nokudlwengula nokubamba inkunzi. Babekwe namacala okweba impahla yomnyango ebiza imali elinganiselwa
ku-R280  000. 

Ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, lithi lenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi onogada abathathu besifazane, bayelulekwa ngokwengqondo. 

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uveze ukuthi izigilamkhuba, ngemuva kokwenza lesi sigameko, zebe amathuluzi okusebenza.

“Ungqongqoshe walo mnyango, uMnu Sipho Hlomuka, uthumele inhloko yomnyango, uMnu Siboniso Mbhele, ukuba ihambele indawo yesigameko futhi iqinisekise ukuthi izisebenzi eziyizisulu ziyanakekelwa,” kusho uNcalane.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

African American in Prison
Previous articleUmthandazo wesitobha soSuthu ngawaseKZN kwiCarling
Next articleKulindelwe kumqeqeshi woSuthu okwenziwe ngowePirates