JOHN HLONGWA
BAVELE eNkantolo yeMantshi yaseMelmoth ngoLwesibili abafowabo bakaZimiphi “Zimdollar” Biyela ongumsakazi woKhozi FM, mayelana namacala okuzama ukubulala, wukuthumba nokushaya.
Umfowabo kaZimdollar ongusihlalo weBhucanana Taxi Association, eMpangeni, uMnu Vikinduku Biyela, uMnu Innocent Mankomane Biyela oyikhansela oBuka, uMnu Siboniso Biyela noMnu Thanduxolo Mngoma, icala labo lihlehliselwe unyaka ozayo.
Bavele enkantolo bemelwe nguMnu uMafika Dlamini weShoba Sandile Attorneys.
Umshushisi, uMnu Mandla Mtukutshe, utshele imantshi ukuthi ucela ukuba icala lihlehle ngoba basadinga isikhathi ukuze baqoqe obunye ubufakazi. Zonke izinhlangothi zivumelane ngalokhu.
Kube sekuphakama ummeli wabamangalelwa, wacelela uMankomane -ongummangalelwa wesibili – ukuba ehliselwe imibandela yebheyili njengoba ithi akavumelekile ukuba alubhade ngakubo, oBuka.
Uthe ukuxegiswa kwale mibandela kunganika ikilayenti lakhe ithuba lokuyokwenza umsebenzi walo njengekhansela.
Umshushisi uveze ukuthi imibandela yale bheyili bekuhloswe ngayo ukuvikela ofakazi njengoba impilo yabo isengcupheni. Uthe uMankomane uyabazi ofakazi ukuthi bahlalaphi. Uthe kumele azame ezinye izi-ndlela angenza ngazo umsebenzi wakhe wobukhansela.
USiboniso – ongummangalelwa wesithathu – ungaphakathi, ubhekene nelinye icala asafaka isicelo sebheyili kulona.