MTHOBISI SITHOLE
UKUVALWA kotshwala ngaphakathi lapho bekwenzelwe khona Ugu Maskandi Festival, enkundleni yezemidlalo eHarding ngenxa yokuthi amabhodlela abengafuneki ngaphakathi kudale ukuba abantu umcimbi bawethamele bengaphandle kwenkundla.
Umhleli walo mcimbi obekuhloswe ngawo ukuhlanganisa amaciko kamaskandi aKwaZulu nawakwaXhosa, uMnu Siyabonga Mkhungu, uthi uhambe kahle. Utshele ILANGA ukuthi njengoba bewuthulwa okokuqala, bajabule ngesasa elikhonjiswe ngabantu.
“Ngibonga amaciko afike ngothi lwawo, kalikho elixolisile, kalikho elikhale ngokuphatheka kabi emcimbini,” kusho uMnu Mkhungo. Okuqaphelekile kulo mcimbi wukuthi inqwaba yabantu ibihleli ngaphandle. UMnu Mkhunguo uthe okwenze lokho wukuthi kuvinjwe utshwala ngaphakathi. “Abantu bathanda ukuphuza bangalawuleki bese kudungeka umcimbi,” kusho yena.
Uthe ubudlelwano obuhle phakathi kwakhe namaciko, kumlekelele kakhulu ekutheni umphakathi waseHarding ukholelwe kulo mcimbi. Uthi ezinye zezinto ebezishayisa abantu amakhala wukuthi azofika yini amaciko.
“Ngibonga kakhulu imisakazo emincane ebesilekelelana nayo, abasakazi uTshatha (uKhathide Ngobe woKhozi), uNgizwe (owayesakaza oKhozini) noGudla (uMonwabisi Bangi woMhlobo Wenene), bawenze kahle kakhulu umsebenzi wokukhangisa umcimbi.
“Emaphutheni abekhona, sizolungisa,” kusho uMnu Mkhungo. Phakathi kwabaculi abashiyelane inkundla kubalwa uNtombiyethonga, uNyonemhlophe, iChwane Lebhaca, uKhuzani, uNtencane neGcokama Elisha.
mthobisis@ilanganews.co.za