Baxwayise ngejele abaqola iNsfas

541

MTHOBISI SITHOLE

UXWAYISA abaqola imali ephuma kwa-National Student Financial Aid Scheme (Nsfas) – exhasa izitshudeni ezihlwempu – uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, obenesigcawu sabezindaba ngoLwesibili, ePretoria, ethula umbiko wakamuva ngalesi sikhwama. 

Uthe useyalele abakwaNsfas ukuba kuboshwe izitshudeni nabazali ababanjwe beqola lesi sikhwama. Kwenzeka lokhu nje, ziningi izitshudeni ezibanjwe ngabakwaSars ukuthi zikokotela imini-ningwane yabazali ukuze zithole uxhaso.

Ezinye izitshudeni zisebenzise imininingwane eqondile yabazali bazo, oku-the uma zichithwa, zakokotela. Indaba yokubanjwa kwezitshudeni ezisebenzise ubugebengu ukuthola uxhaso lweNsfas zase ziphucwa lona, isuse uthuthuva emanyuvesi ezinyangeni ezedlule. 

UDkt Nzimande uthi ziwu-178 426 izitshudeni ezifake izikhalo ngokuphucwa lolu xhaso. Uthe kulezi zikhalo, eziwu-30 172 zithathwe njengento engekho kanti kweziwu-41 438 bekudingeka olunye ulwazi olweseka izicelo zezitshudeni oluthinta abazali. (Lolu daba luphume ephephandabeni layizolo)

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAhlela ukuya enkantolo amakhansela (8) axoshiwe
Next articleSesizofaka izicelo ukuqabuza abafazi bethu