Bayakhala abagijimi abangakhokheliwe

594

Amakilabhu avika nge-corona

MZWAMANDLA ZONDI

BAGIJIMI bakhala ngabadidiyeli bamakilabhu abangabakhokhelile imihlomulo yabo bevika nge-coronavirus ehlasele emhlabeni wonkana. Kumanje eNingizimu Afrika kumiswe yonke into ngenxa yokuhlasela kwalolu bhubhane oseludlule nabantu abangaphezulu kuka-25, kanti okuthiwa bahaqwe yilo banga-phezulu kuka-2000. 

Maphakathi nenyanga edlule uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa umemezele ukumisa yonke into ezweni kuze kube yinamuhla ngoLwesine. Kuthe ngeledlule zenyuswa izinsuku kwathiwa kuyoze kukhululekwe ekupheleni kwenyanga. 

Kwenzeka konke lokhu nje, abasubathi balinde imiklomelo yabo emijahweni eminingi. Imijaho abakhala ngayo yiJL Dube, iHarry Gwala Marathon neWillies Mchunu Half Marathon. 

UNana Sigubudu ogijimela i-Orcas Academy utshele ILANGA ukuthi sekuphele izinyanga elinde imiklomelo yakhe kule mijaho. 

“Kuyanda ukungahlonishwa kwethu singabagijimi. Ngigijime JL Dube ngoNhlolanja (February) kuze kube yimanje lutho imali yami. Ngiphinde ngagijima iHarry Gwala neWillies Mchunu kuyo yonke le mijaho kangikayitholi imiklomelo yami. Okungiphatha kabi wukuthi ngiphila ngakho ukugijima. 

Uma ngifonela abadidiyeli bale mijaho bangitshela nge-coronaviris neLockdown okuyinto engingazi ukuthi ingenaphi kwimihlomulo yethu. Le mijaho siyigijime kungakakhulunywa ngoLockdown kuleli. Abadidiyeli bemijaho bayasidelela,” kubeka uNana. 

IRavens Athletics Club ithi inabasubathi abangakayitholi imiklomelo yabo. 

UNomonde we-Nanda Qadi ehlela iJL Dube Half Marathon uthe uyaxolisa kakhulu kubasubathi ngokungayitholi imihlomulo yabo. 

“Ngiyaxolisa kakhulu kubasubathi ngokungayitholi imiklomelo yabo ngesikhathi. Umjaho uhlelwa yiJust Sports thina asingeni njengekilabhu. Imali yokukhokhela abasubathi iphuma kwiJL Dube Institute. 

“Ngokuphela komjaho sithathe imininingwane yasemabhange yabasubathi sayidlulisela kwabeJL Dube ngoba bethi bafuna ukuqinisekisa imininingwane yasebhange yabasubathi. Bakhona asebeyitholile imali yabo. 

“Abangakayitholi yilabo abangatholakali ezingcingweni zabo. Bengicela abasubathi ukuba baxhumane noSiyanda Sibiya enombolweni ethi: 078 639 6234,” kusho uNomonde. 

AbeWillies Mchunu kuthiwa sebeqalile ukukhokhela abasubathi imali yabo. ULiziwe Mabona (osesithombeni) ukuqinisekisile ukuthi usewutholile owakhe umklomelo.

Previous articlekuhlukene imibono kubagijimi nge-comrades
Next articleakayicabangi eyokubeka amakhokho ethala owamabhokobhoko