Bayanda abaseZimbabwe abathutheleka kuleli

364

INTATHELI YELANGA

IYAQHUBEKA nokuba sendaweni yokuqala iZimbabwe emazweni awu-20 aphezulu ngezibalo zabantu abathutheleka eNingizimu Afrika. Ngokwezibalo zangonyaka odlule, ezethulwe izolo ngoLwesibili ngunozibalo-jikelele (statistician-general), uMnu Risenga Maluleke, iZimbabwe inabantu abangaphezu kuka-1 million abayizakhamizi kuleli (bengabalwa abakuleli ngokungemthetho). Lesi sibalo sikhomba ukwenyuka okuxakile uma kuqhaniswa nesango-2011, esasiwu-672 308. Ochwepheshe bathi lokhu kwenyuka kukhomba ngokusobala ukudunguzela ngendlela eyesabekayo komnotho waseZimbambwe. Endaweni yesibili kuhleli iMozambique ngabantu abawu-416 564 (besuka ku-393 231 wango-2011), kweyesithathu yiLesotho ngabawu-227 770 (besuka 160 806), kweyesine yiMalawi 198 807 (besuka 86 606), i-United Kingdom ngabantu abawu-61 282 besuka ku-81 720 wango-2011. 

Previous articleUsesaba ngisho isithunzi owathunjwa kufunwa imali yeRAF
Next articleIsiZulu siyakhonya ezilimini zaseNingizimu Afrika – izibalo