THANDOLUHLE NGUBO
SIYANDA isibalo sabafundi bakamatikuletsheni ezikoleni zaKwaZulu-Natal, abakhala ngokwenqatshelwa ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngezizathu ezahlukene.
ILANGA ngoLwesine lifolose ngodaba lomfundi waseQhilika High School, Kwa-H, eMlazi, owenqatshelwa nguthishanhloko wakulesi sikole ukubhala, emsola ngokulova kakhulu.
Lo mfundi uze waphuthelwa wukubhala iphepha lesiNgisi ngoMsombuluko.
ILANGALempelasonto selithole ukuthi kunomunye umfundi kaGrade 12, eNtonjeni High School, eMnambithi, okhala esifanayo.
Kuthiwa uNomathamsanqa Mabaso (21) (osesithombeni), waxoshwa esikoleni kusele isonto elilodwa kubhalwe izivivinyo zokulungiselela ezokuphela konyaka.
Ekhuluma naleli phephandaba uNkk Nozipho Shabalala, ongunina omncane kaNomathamsanqa, uthe ngemuva kwalesi senzo sikathishanhloko, waya esikoleni eyoncengela ingane.
“Samncenga ukuthi makasale esemdedela abhale, kodwa wasitshela ukuthi uselove isikhathi eside. Wathi uma umfundi eselove
izinsuku ezingaphezu kuka-14, uyakhishwa ohlelweni lwesikole.
“Wasiyalela ukuba abuye ngosuku lokuqala ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
“Wathi uzobhala izifundo ezingaphelele, ezinye uyozibhala ngoNhlangulana (June) wonyaka ozayo,” esho.
Uthe ube esekhuluma naye uthishanhloko ngeledlule, efuna uhlelo lwezikhathi zokubhala (timetable) lukaNomathamsanqa,
wethembisa ukubuyela kuyena ngemuva kwesikhathi esithile, okugcine kungenzekanga.
Uthe uNomathamsanqa ubuye ngoMsombuluko engabhalanga, ethi uxoshwe ngothisha, walinda uthishanhloko naye owafike wamtshela ukuthi ngeke abhale ngoba usekhishiwe ohlelweni lwesikole.
UNomathamsanqa utshele leli phephanda ukuthi walova isonto elilodwa futhi wayegunyazwe nguthisha wakhe, ngenxa yokuthi wayephethwe wumkhuhlane.
“Ngathi sengibuya uthisha omkhulu wangitshela ukuthi ngeke ngiwabhale ama-trial, kodwa uzongivumela ngibhale izivivinyo zokuphela konyaka,” esho.
ILANGALempelasonto lithinte uMnu Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, wathembisa
ukuphendula, nokho kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakaphendulile.