SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI
IMIJOLO nemishado sekwaphenduka inkinga enkulu njengoba sekunomakhalekhukhwini.
Izinqandamathe zethu zifuna ukusithola noma ngasiphi isikhathi sosuku noma sobusuku.
Kusuka esinamathambo uma uke wangaluphendula ucingo ngoba nakhu ulele.
Ufonelwa ekuseni ungakaxubhi ngisho namazinyo lawa, usubuzwa ipasi nesipesheli, kuthiwa umuntu kawusamnaki.
Umkami wazi kahle ukuthi ucingo kangiluphenduli uma sekushaye u-21h00, ngaphandle-ke uma ushilo ukuthi uzofona.
Nasendlini ngiwenza isimungulu umakhalekhukhwini ukuze ungangibangeli isicefe ngisazipholele kamnandi, noma ungivuse ngilele.
Phela ubusuku yisona sikhathi sokudla amathambo engqondo, ngoba emini akucabangeki, abantu bekufuna ngapha nangapha. Kumele ube nesikhathi sakho lapho ucabanga futhi uhlela izinto zakho ungaphazanyiswa muntu.
Kwakumnandi kusafonwa esigxotsheni, lokhu abazi isiNgisi ababethi phecelezi ngama-call box, kuthi abangasazi bona bathi yikhulabhoksi.
Uthole umuntu efonela emsakazweni, ekhonza kubangani bakhe. Athi uyabuza umsakazi ukuthi ufona ekuphi, bese ethi ukwi-cooler box. Abuze umsakazi ukuthi kunjani ukubanda, bese ufeleba ethi kushisa into engakaze ibonwe.
Phela ngeminyaka yezigxobo, umuntu wawulayeza usho ukuthi uzofona ngasiphi isikhathi, bese eyalinda lapho esigxotsheni.
Kwesinye isikhathi ucingo lwaluphendulwa ngomunye umuntu, naye elinde ukufonelwa. Kwakusuka esinamathambo lapho kukhona ohleli ocingweni kuze kuphele ihora ezixoxela nomngani wakhe sengathi usocingweni lwakubo.
Nangesikhathi lapho iningi selinawo amafoni, kwakulula ukuvele uthi ubusathe shelele.
Kwakungafonwa nhlobo-ke ebusuku abantu belele. uma unyoko ethanda ukubukela umabonakude, wawutshelwa kahle ukuthi abangani bakho bangalokothi bafone ngesikhathi salolu hlelo noma izinhlelo ezithandwayo lapha ekhaya.
Wawuzwa nje indlela okubuzwa ngayo kuthiwa, “ngubani-ke lona ofona ngalesi sikhathi,” ukuthi usenkingeni. Utshelwe usaya kulo, kuthiwe mtshele afone kusasa.
Kwathi noma sebefika omakhalekhukhwini, babengenayo le nto yokubathulisa uma bekhala, phecelezi silent mode. Wawuzwa ngawo ususho ngengila nilele, uvuke uphuthaphutha ebumnyameni, uzama ukuthi usheshe uwuphendule.
Kumenyezwe kuthiwe, “cisha leyo nto, silele”. Igugu lakho selibizwa ngento.
Manje njengoba bethuliseka – bakhale bethule – kawukwazi nokutshela umuntu ukuthi ubuwucimile ngoba kulelwe. Uma uwufaka kule nto ewenza udume kodwa ungakhali, phecelezi, i-vibration mode, uphazamisa abasebuthongweni.
Umuntu usungamtshela nje ukuthi ubuwuthulisile, ngoba noma ubhanyaza ngeke uwubone usebuthongweni.
Kunabantu abakukhumbula uma bedakiwe, bese bekufonela ngehora labathakathi – phakathi kwamabili – lapho bephuza khona. Umuntu athi ekuvuse ebuthongweni, bese ekubuza ukuthi wenzani.
Uthi uma umtshela ukuthi ubulele, bese ethi kulungile, axolise bese elucima. Emuva kwalokho, buvele bungabuyi nhlobo ubuthongo.
Lapho usuphelelwe yithemba (lokubuya kobuthongo), bubuye ngo-05h00.
Buthi le le le, bese lukhala futhi ucingo, omunye wabangani bakho osebenza naye, ucela ulifti ngoba imoto yakhe inomkhuhla-ne. Usufika emsebenzini usho ngamehlo abomvu sengathi uvukele ensangwini noma uphethwe yibhabhalazi.