TSEPO MOLEFE
BAQWASHISWA yizingcingo “ezibasabisayo” abadayisi baseMarket Square Taxi Rank, eMgungundlovu, abagoloza ukusayina amaphepha kaMasipala waseMsunduzi ngokukhushulwa kwerenti yabo ngo-234.59% njengoba bethi bebekhokha uR42.37 ngenyanga yagxuma yama ku-R752.23.
Bathi lezi zingcingo zibayalela ukuba baphume baphele ezindlini abazisebenzisayo kule renki ngoba bayahluleka wukulandela imithetho kamasipala.
Le renki iphithizela kakhulu kwazise kunamatekisi ahambela eThekwini, emajalidini nasezinxanxatheleni zezitolo ezakhele uMgungundlovu; kubalwa iMidlands Liberty Mall, iCascade Mall, iScottsville Mall nezinye izindawo.
NgoNtulikazi (July) ILANGA Lempelasonto labika ngokungagculiseki kwalaba badayisi abevile ku-100 ngokukhushulwa kwerenti yabo. Bakufanisa nokubanjwa inkunzi bebhekile, bethi izikhulu zikamasipala kazizange zihlale phansi nabo, kuxoxwe.
Bakhala nangokuthi kayikho inzuzo abayenzayo ngokudayisela ngaphakathi erenki, ngoba ngaphandle kwamasango kunabantu abanamatafula abadayisa imi-khiqizo efana neyabo, kodwa abangayikhokhi irenti.
Basola umasipala ngokuhluleka wukubavikela ngokususa laba bantu abadayisa edolobheni ngokungemthetho. Bathi imizamo yabo yokuthola imeya, uMnu Mzimkhulu Thebolla noSomlomo uNkk Eunice Majola (abasesithombeni) yaphelela ezeni.
ILANGA lithintwe ngabanye balaba badayisi, bezwakalisa ukukhathazeka ngezingcingo ezibatshela ngokuphelelwa yizindawo zokudayisela njengoba benqaba ukukhokha irenti entsha eqale mhla lulunye kwephezulu (uMandulo).
Bathi abawu-9 sebesayiniswe ngenkani amaphepha okukhushulwa kwerenti.
Phambilini uNkk Ntobeko Mkhize okhulumela uMasipala waseMsunduzi, wakuqinisekisa kwiLANGA Lempelasonto ukukhushulwa kwerenti.
Wathi akhona ama-workshop enziwa ngokuhlukana, bachazelwa bonke abadayisi basemigwaqweni yedolobha. Nokho laba badayisi bayichitha eyama-workshop.
Iphunzile imizamo yeLANGA yokuthola uNkk Mkhize ukucacisa ngokushiwo yilaba badayisi ngokusatshiswa kwabo. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemibuzo athunyelelwe yona kazibuyanga izimpendulo zayo kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.
www.ilanganews.co.za