Bayobuke bafa ababili ‘abebentshontsha amakhebuli’

620

Umphakathi usola ama-scrap yard njengembangela yale nkinga

USALE nezibazi zokusha owesilisa okusolwa ukuthi ubentshontsha amakhebuli esiteshini sikagesi. Lapha uthathwe kwi-video. ISITHOMBE NGU:NHLANHLA GUMEDE

SKHOSIPHI MTHEMBU

ISIKHUNI sibuye nomkhwezeli kwabesilisa ababili okusolwa ukuthi bebentshontsha amakhebuli kagesi ngaphakathi esiteshini (sikagesi) esikwaP, eMlazi, ngeSonto kwazise bekunogqamcishi (loadshedding) kanti uzobuya besematasa, wabayobula, okuholele ekutheni kuhambe ugesi ezingxenyeni zaleli lokishi. Oyedwa wabasolwa ufele emzini womuntu oseduze nalesi siteshi, kanti omunye kubikwa ukuthi ushonele esibhedlela. Kunezithombemnyakazo (videos) ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, eziveza abasolwa bemayobuyobu, omunye ekhala ecela amanzi emuva kokuba eke wavela ehamba emgwaqweni, izakhamizi zakuleli lokishi zimkhuza zithi makahlale phansi.

Omunye ubonakala elele ngesisu emzini womuntu oseduze nalesi siteshi sikagesi, egcwele igazi, inyama ihlibukile. Yena akakhulumi, ubonakala sengathi uyaqhwisha kanti ezandleni kuyabonakala ukuthi ulimele kanzima. ILANGA ngoLwesibili lihambele kuyona le ndawo, lifice izisebenzi zikagesi zimatasa zilungisa njengoba kusukela kwenzeke lesi sigameko, ugesi wacima. Phakathi lapho bekungene khona abasolwa, bekusabonakala amachaphazelo egazi nokusamafutha amnyama.

Bekubonakala nomaka wamateku onamathele phansi, okukholakala ukuthi abegqokwe yibona abasolwa. Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa, lithi ugesi kawubange usabuya emuva kwalesi sigameko. “Umuntu uthwele kanzima kusukela ngeSonto, sikhuluma nje, kasikwazi nokupheka ngenxa yokungabi nawo ugesi. Sizwa kuthiwa usubuyile kwezinye izindawo, kodwa kithina kasazi uzobuya nini. Eminye imindeni iyaphoqeleka ukupheka ngomlilo emnyango ngoba kumele kulalwe kudliwe nezingane ziyavuka ziya esikoleni,” kusho ilungu lomphakathi. Amanye amalungu omphakathi akhale ngamascrap yard athe ayimbangela yokuthi izigilamkhuba zifune ikhopha.


UMnu Sphelele Nene oyikhansela kule ndawo, uhambe emazwini ezakhamizi, wathi uma kungaqedwa ama-scrap yard, bungehla ubugebengu obufuze lobu. “Esikutholayo wukuthi bebebathathu laba bantu, oyedwa wabo ubegade ngaphandle kwesiteshi sikagesi kanti laba ababili abashonile bona bebengaphakathi. “Inkinga esinayo lapha endaweni, yilezi zindawo ezingama-scrap yard ngoba uma betshontsha basuke befuna ukuyodayisa kuzona. Sike sazama ukuyibika le nkinga phambilini, kodwa kwangalunga. Isifiso sethu wukuthi zivalwe lezi zindawo ukuze buzokwehla ubugebengu,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukushona koyedwa walaba besilisa, wathi bebengakawutholi umbiko ngowesibili. Uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu emuva kokuba abesilisa ababili beshaywe ngugesi.

Previous articleSITHOLWE SISHISIWE ISIDUMBU SIKATHISHA OBENYAMALELE
Next articleLegends Festival Speak Heritage