Bayomela elakuleli emidlalweni yamazwe

326

Laba basubathi baqokwe emidlalweni yomhlaba eyahlukene

YIZO izintokazi zaKwaZulu-Natal ezizokube zimele izwe emidlalweni eyahlukene yomhlaba. Kwesobunxele nguJenet Mbhele, nguTayla Kavanagh noMakhosi
Mhlongo abaya e-India nase-Europe ngokwehlukana.

MZWAMANDLA ZONDI INJABULO

kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) abasubathi bayo abayisihlanu beqokelwa emaqenjini esizwe aya emidlalweni yomhlaba eyahlukene. Iningi lalaba basubathi lingaphansi kohlelo loMnyango weze Midlalo wesifundazwe lapho bethola khona uqeqesho olusezingeni eliphezulu ePrime High Performance Centre, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ukuze benze kahle emidlalweni yomhlaba. Abadlali abaqokelwe eqenjini lesizwe eliya kwi-IAU 50km ezokuba ngoLwezi (November) e-India, nguJenet Mbhele osanda kugila izimanga engena nabokuqala abalishumi kwiComrades Marathon yanonyaka. Kube nguMakhosi Mhlongo ongene unombolo 11 kwiTotalsports Two Oceans Marathon, uTayla Kavanagh yena uqokelwe eqenjini eliya e-Europe kwi-5km Road Running.


UKavanagh kuthe ngeledlule wadla umhlanganiso kwiPietermaritzburg Spar Women’s 10km Challenge. Kwabesilisa kukhona uNkosikhona Mhlakwana ongene unombolo 3 kwiTwo Oceans wangena unombolo 12 kwiComrades Marathon noSikhumbuzo Seme ongene unombolo 11 kwiComrades. Isekela Mengameli leKZNA uMandla Mngomezulu, lithe lijabule kakhulu ngokuqokwa kwalaba basubathi eqenjini lesizwe. UMngomezulu uthi ukuqokwa kwabo kuzobeka isifundazwe ebalazweni lomhlaba. “Ngithanda ukubonga kuMnyango wezeMidlalo wesifundazwe ngokusiza abasubathi bethu ngohlelo lwabo lokuziqeqesha ePrime. Lolu hlelo seluqalile ukuthela izithelo njengoba sibona abasubathi bethu beqokelwaemidlalweni yomhlaba. “Kuqokwa laba basubathi nje, sisanda kubona uZakithi Nene naye oziqeqesha ePrime enza kahle kumaWorld Athletics Championships asongwe izolo ngeSonto eHungary edlala eze ephuma kweyamanqamu.

Ukufika kweyamanqamu kunzima kabi. “Nginethemba lokuthi maduze sizombona uNene ezuzela izwe indondo njengoba esekwazi ukugijima nabasubathi abahlonishwayo emhlabeni,” kusho uMngomezulu. Uthi isikhungo esifana nePrime kufanele sisatshalaliswe isifundazwe sonke ukuze kuzuze abasubathi abaningi. “Uma sekubuywa eHungary, i-Athletics South Africa (ASA) kuzofanele ihlangane nazo zonke izinhlaka zalo ukuze iqhamuke nesisombululo sokungenzi kahle emidlalweni yomhlaba. “Kuyihlazo ukuthi iNingizimu Afrika ibuye ilambatha eHungary kanti kwenzeke okufanayo nanyakenye kuma-Olympic Games eJapan. I-ASA kuzofanele igxile ekuthuthukiseni lo mdlalo kuleli njengoba yagcina ngo-2017 ukuthola indondo.

Njengoba siphethe kwezokugijima kuzofanele sibhukule sigxile kakhulu ekuthuthukiseni lo mdlalo emazingeni aphansi,” esho.UNkosikhona Mhlakwana ozokube eqala ukuphumela ngaphandle kwelakuleli, uthe kufezeke iphupho lakhe ngokuqokwa kulo mqhudelwano. “Ngithokoze kakhulu ukuthiekugcineni nami ngize ngingene eqenjini lesizwe. Bekuwumuzwa ebengihlale ngiwufisa ukuba ngiyomela izwe. Leli thuba lifike ngesikhathi esihle lapho bengivele ngililangazelele. “Okuhle wukuthi ngisanda kujoyina iPrime High Performance Centre, nginethemba lokuthi izongisiza kakhulu njengoba ngiya kulo mqhudelwano. Yisikhathi sami sokuba ngizibonakalise ukuthi yini engingayenzela izwe. “Njengoba ngiya e-India, ngizozama ngawo wonke amandla ukwenza kangcono isikhathi sami se-50km okuwu-2:47,” esho UJenet uthe ujabule ngokuqokwa eqenjini lesizwe. Uthi kuyiphupho lawo wonke umsubathi ukuqokelwa kulona. Uthi uzimisele ukwenza kahle. IPrime ibongele bonke abasubathi bayo abaqokelwe emidlalweni yomhlaba.

Previous articleUzonxeshezelwa ngezigidi owaboshwa ngephutha
Next article“Sekuketulwe” omunye umholi e-Afrika