bazifake obishini abaculi abavakashelane kugonqiwe

847

MTHOBISI SITHOLE

BAZIFAKE enkingeni abaculi bakamasikandi abasolwa ngokuvakashelana ngoLwesibili ekubeni uhulumeni eshaye umthetho wokuthi abantu mabahlale emakhaya bangaphumi izinsuku eziwu-21 ukunqanda iCorona ebhubhisa isizwe.

NgoLwesibili kusabalale isithombe esixokozelise abantu abaningi, somculi kamasikandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungo-se, umfowabo uThibela Mpungose, abaculi, uFalabo Khuzwayo, uDlubheke Khuzwayo bakwa-Ngqulu, eNquthu, esikhombisa ukuthi bebekade bevakashele uKhuzani kubo, eMandaba, eNkandla. 

Abantu bakhale ngokuthi laba baculi kabawuhloniphi umthetho wezwe ekubeni bethathwa njengabantu abayisibonelo esihle emphakathini, ngakho kumele babhekane nengalo yomthetho. 

Omunye wabalandeli ozwakalise ukungathokozi kwakhe ezinhlakeni zokuxhumana, uMnu Fenius Zulu, uthe umthetho mawenze ubulungiswa njengoba noNgqongqoshe wezokuXhumana, uNkk Stella Ndabeni Abrahams, eshushiswa ngesithombe sakhe esisabalele.

Ethintwa uKhuzani ngalokhu, uthi lezi zithombe uzithwebule mhla ka-28 kuNhlolanja (February) evakashelwe yilaba baculi bezibukela ibhola kubo eNkandla. 

Uthi lezi zithombe ugcine esezisusa ngisho ekhasini lakhe lezokuxhumana ngoba abantu bebezihlaziya ngokungelona iqiniso.

Previous articleUdakwe washona obezakhele utshwala ngespirithi “omile”
Next articleU-V Mash uzofihlwa kusasa e-Pretoria