Ongqongqoshe bathi ulinganiselwa ku-R400 million umonakalo owenzekile
MTHOBISI SITHOLE
BAZOTHUTHELWA ezikoleni ezingakhahlamezekile ezingomakhelwane bezikole zabo, abafundi abahleli emakhaya ngenxa yokwesela indawo yokufundela ekuva kokulimala kwezikole zabo ngenxa yezikhukhula. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, obevakashele izikole zaKwaZulu-Natal, ngoLwesibili nangoLwesithathu, ngenhloso yokuhlola umonakalo odalwe yizimvula ebezinamandla. UNkk Motshekga, uthi izikole okufikekayo kuzona kufanele abafundi bancikiswe kuzona ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundisa, bengasileli emuva uma ikhona indlela.
Utshele abezindaba ukuthi bavumelene nongqongqoshe wezemfundo esifundazweni uMnu Kwazi Mshengu, ngalokhu. “Izikole ezingalimele kufanele bafundele kuzona abafundi, kodwa uma kunesimo sokuthi akufinyeleleki nakulezo ezingalimalanga, kuzokwenziwa uhlelo lokuthi abafundi bathunyelelwe ezokuxhumana abazozisebenzisa kulesi sikhashana. “Njengamanje sisezingxoxweni nabalingani bethu abasilekelelayo ngokusebenza online,” kusho uNkk Motshekga. Uyalele umnyango wezemfundo esifundazweni ukuthi kufanele ngoMsombuluko ube usuphothulile lonke uhlu lwabafundi abathintekile kulesi simo ukuze bezolekelelwa.
Uthe bazosebenzisana nabaxhasi babo emnyangweni ukulekelela nalabo bafundi abalahlekelwe wumfaniswano wesikole. “Kulinyelwe kakhulu, ngakhoke kuwumsebenzi wethu sonke ukubambisana nakuba kusibuyisela emuva kakhulu okwenzekile ngoba siyashoda ezimalini,” kusho uNkk Motshekga. UMnyango uvakashele izikole okubalwa kuzona iBrettonwood High neSiphosethu Primary, ezise-Thekwini, nezinye eziseMpangeni. UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnu Kwazi Mshengu, uthi ulinganiselwa ku-R400 million umonakalo owenzekile.Utshele ILANGA ukuthi le nhlekelele izoshaya kakhulu ezimalini ngoba kunezikole okufanele ziqalwe phansi, zilungiswe. Uthi ukulunga kwesimo ezikoleni ezilimele kungathatha amasonto amathathu kuya phezulu, kusuka manje.
Uveze nokuthi uMnyango uzojuba abacwaningi bamabhilidi abazobheka isimo sokuphepha kothisha nabafundi ngaphambi kokuba babuyele ngokukhululeka emsebenzini. “Sisenkingeni enkulu yokuthi kwezinye izikole kusele othisha nabafundi kuphela, kuhambe yonke into.”Kuzofanele kuqalwe phansi kuthengwe izincwadi, amadesk, amatafula, imishini nayo yonke into ephathelene nokufunda nokufundisa.
“Bekungelula ukuzivula izikole ngenxa yokubukela isimo sezulu esiguquguqukayo, kodwa bekufanele sikwenze lokhu ukuze sizokwazi ukubona umonakalo,” kusho uMnu Mshengu. Uthi bawu-378 000 abafundi abangenayo indawo yokufundela ngokulimala kwezikole, bawu-57 abafundi abashonile ngenxa yezikhukhula nothisha oyedwa.