Bazobuyela enkantolo ababulala izingane zabo bezikhipha amadimoni

358

SKHOSIPHI MTHEMBU

LIBUYELA enkantolo ngoNhlolanja (February) icala labesifazane ababili nomfundisi wabo abasolwa ngokushaya babulale izingane zabo ezimbili, bezisola ngokuthi zinamadimoni. Laba babuyela enkantolo nje, icala labo lahoxiswa ngo-2020, ngenxa yokushoda kobufakazi. Basolwa ngokushaya babulale uNonjabulo Langa (10) noMbali Sibisi (10). UNkz Nkosingiphile Sithole ongunina kaMbali, uNkz Nompumelelo Khethiwe Langa, ongunina kaNonjabulo kanye noMfu Makhosonke Sibiyi, baseZimambeni, eNkandla sebethunyelelwe amaphepha abazisa ukuthi icala labo libuyela eNkantolo yeMantshi eNkandla, ngenxa yobufakazi obusha osebutholakele.

Kuzokhumbuleka ukuthi lolu daba lwaba sematheni ngo-2020 ngesikhathi kuvela izindaba zokubulawa kwalawa mantombazanyana. Kwabikwa ukuthi abulawa ngesikhathi eshawa kuthiwa akhishwa amadimoni. Kwabe sekuboshwa abasolwa abathathu ngamacala amabili okubulala. Lagcina lihoxiswa enkantolo ngo-2022 ngenxa yokushoda kweminingwane nobufakazi.

ILANGA Lempelasonto lihabule ngomthombo walo ukuthu icala seliphinde lavuswa, nabasolwa sebethunyelelwe amasamanisi abayalela ukuba bavele phambi kwenkantolo ngalawa macala. Umthombo uphinde waveza ukuthi kunelinye icala lokubulala lesithathu elizongezwa phezu kwalawa amabili ababhekene nawo.

“Phambilini ngesikhathi beboshwa, batshela amaphoyisa ukuthi izingane zishawe ngotikoloshe zaze zashona. Uphenyo lwamaphoyisa lwaveza ukuthi abasolwa yibona abashaye izingane ngoba bethi bazikhipha amadimoni. Izingane indlela ezazilimele ngayo, zazishayiwe zashiswa nangama-ayina, uMbali baze bamfaka isandla esithweni sakhe sangasese bemhushula amathumbu,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi abasolwa bazobuyela enkantolo ngamacala amathathu okubulala ngemuva kokuthunyelelwa amasamanisi ababizela enkantolo ngenyanga ezayo.

Previous articleUhlelo ngempilo yabafelokazi bosaziwayo
Next articleI-DA ithembele kunembeza wamakhansela kolwaseThekwini