BAZOKWAKHA IMIGWAQO YEZIGIDI KUMASIPALA OBUNEZINKINGA

460
IZIKHULU zikaMasipala iRay Nkonyeni zihlaba isoyi zikhombisa osonkontileka lapho kwakhiwa khona imigwaqo emibili iNelson Mandela Drive emcimbini obukulo masipala ngoLwesihlanu olwedlule.

THANDEKA NGOBESE
UNGENE ensimini okokuqala ngqa ngoLwesihlanu umkhandlu kaMasipala waseRay Nkonyeni, ePort Shepstone, obekulokhu kubambezeleka ukuqokwa kwemeya yawo ngenxa yomdonsiswano wamalungu e-ANC, ebanga izikhundla, okugcine kuphoqa amaqembu aphikisayo ukuba abhalele uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, ukuba angenelele. Amaqembu aphikisayo, ikakhulukazi iDA, abekhala ngokuthi kubambezela intuthuko ukungagcotshwa kwemeya nesekela layo. Kugcine kuqokwe uMnu Skhumbuzo Mqadi kwesobumeya, uMnu Sibusiso Shange wafungiswa kwesesekelameya, uNkk Zodwa Mzindle wabekwa kwesikasomlomo.


Ngemuva kwesonto uMnu Mqadi, uhlabe isoyi lokwakhiwa kabusha kuka-1.4km womgwaqo, uNelson Mandela Drive, ophakathi edolobheni, okuwumsebenzi okuthiwa uzodla uR38 milion. Kuvulwe umgwaqo uMain Harding Road owu-2.1 km, odle isamba sika-R54 million. Ekhuluma esigcawini sabezindaba ebesisemahhovisi alo masipala ngoLwesihlanu, uMnu Mqadi uthe umasipala kawukhiphanga ngisho indibilishi kwakhiwa lo mgwaqo njengoba bethole imali kwiNeighbourhood Development Partnership Grant (NDPG). “Le mali sithe masiyibenzise ekwakhiweni komgwaqo njengoba kuyiyona ngqalasizinda ebalulekile ukulethweni kwentuthuko.


Sakha le migwaqo ngoba yiyona emikhulu esedolobheni futhi eba nomthamo omkhulu wezimoto. Imizila kule migwaqo siyenyusile isuka kwemibili iya kwemithathu, sashintsha uNelson Mandela Drive wangabe usaba wumgwaqo okuphambana kuwona izimoto kodwa uhambe izimoto ezisohlangothini olulodwa. “Sihlala amagqozo emsebenzini nje, yingoba nathi siyabona ukuthi kubenokubambezeleka. Siyaxolisa
kakhulu emphakathini wakithi. Okusijabulisayo wukuthi sisebenza ngokukhulu ukubambisana nozakwethu, akukho ukujamelana phakathi kwethu,” kusho uMnu Mqadi.


UMnu Shange uthe into asebebhekene nayo ngqo njengamanje, wukusebenzela umphakathi. “Sifuna idolobha lethu lihlanzeke, imfucuza ithuthwe ngesikhathi esifanele, imigwaqo ibesesimeni esihle, amarobhothi asebenze ngendlela efanele ngokunjalo namalambu akhanyise emgwaqweni, kulwiwe nobugebengu kakhulu kunakuqala,” kusho uMnu Shange. Imenenja yalo masipala, uMnu Max Mbili, iveze ukuthi kunezinhlelo abaphezu kwazo zokuvuselela isikhumulo sezindiza eMargate nezindawo ezisemakhaya ezinomlando ongaheha izivakashi.

“Seziqalile izinhlelo zokwakhiwa kwesikhungo semfundo, esizokwakhiwa yi-Unisa esizosiza intsha yale ndawo. Yisona esizothuthukisa umnotho kakhulu njengoba kuzosizakala nosomabhizinisi bendawo, kwazise abafundi abasuka kude njengaseBizana, bazofuna indawo yokuhlala. “Ngaphandle kokuhlomula kwabezindawo zokuhlala, kuzothuthuka nosomabhizinisi bezitolo zokuthengisa izincwadi, yi-internet cafe nokunye okuningi,” kusho uMnu Mbili.

Previous articleUkhuthaza imfundo kosomatekisi
Next articleUSUTHU LUCELE IZIBUSISO ONYAZINI