Bazowudlela esitokisini uKhisimusi abasolwa kwelofuka kwephoyisa likaMasipala weTheku

429

JOHN HLONGWA

BAZOWUDLELA esitokisini uKhisimusi abasolwa ababili ecaleni lokubulawa kwesikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, uCapt Thomas Ntombela, njengoba ngoLwesithathu iNkantolo yeMantshi yaseMlazi ikuhlehlisele uLwesine oluzayo ukukhishwa kwesinqumo sebheyili yabo.

UNkk Faith Ntombela (osesithombeni) – ongumkamufi – noMnu Sithembiso Khumalo, onguthishanhloko waseMpumulwane Primary School, KwaMaphumulo, bebevele kule nkantolo beyoqhubeka nezicelo zebheyili emacaleni amabili, okungelokubulala nelokwakha uzungu lokubulala uNtombela. ILANGA selibike kaningana ngokubulawa kukaNtombela, okwavela ukuthi walalelwa unyendle wadutshulwa wabulawa emzini wakhe eMlazi.

Previous articleIbonelelwe okwesithathu iPostbank kolwemigomo yokubhenka
Next articleUyakhula umfelandawonye wamaqembu asophe ukugudluza i-ANC