THANDOLUHLE NGUBO
BAZOHLANGA nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili ojele okuzotholakala ukuthi banesandla ekungenisweni kwezinto ezingafanele ejele laseWestville, eThekwini. Lokhu kuvezwe nguMkhuzi woJele, uMnu Samuel Thobakgale, obehola -ngokubambisana noMkhuzi woJele KwaZulu-Natal, uMnu Mnikelwa Nxele – umkhankaso wokuvundulula okungafanele ukuba sejele, ngoLwesine ebusuku.
Lo mkhankaso bewuhlanganise ojele bophiko i-Emergency Support Team (EST), abadume ngokungahleki neziboshwa, amaphoyisa ophiko lweSAPS TRT nojele abajwayelekile.
Kutholakale omakhalekhukhwini abangaphezulu kuka-10, ama-router e-wifi, izidakamizwa ebezishuthekwe emabhokisini amaphilisi – okubalwa insangu, iwunga ne-mandrax – imithi yesintu abanikazi bayo abayichaze ngokuthi ngeyokugquma nokuphalaza, ama-charger, imali, izingcingo ezicijile ezingasebenza njengezikhali, imisakazo nomabonakude. Zigcine zingavelanga izincwadi zokukugcina ejele, njengoba isiboshwa esikudingayo kumele sibhalise bese sinikwa imvume yokuba nakho yiziphathimandla zejele. “Le mikhankaso iyalekelela ekwakheni amajele aphephile. Inhloso yayo wukuqinisekisa ukuthi sizisusa zonke izidakamizwa nezinto ezibukhali ezijwayele,,” kusho Thobakgale.
Uthe umnyango uzoqala uphenyo oluzoveza ukuthi lezi zinto zifike kanjani, besekuthi iziboshwa ezitholakale necala zilahlekelwe ngamanye amalungelo, ezinye zibekwe amacala. Ojele abazotholakala benesandla kulokhu, bazothathelwa izinyathelo. “Ezinye zalezi zinto ezibanjwe namuhla, ngomakhalekhukhwini abazosilekelela ekutholeni iqiniso ngoba sizobavula, sibuke izingxoxo ezixoxwa ngawo, ezizosikhomba kulowo obenesandla, ukuze sithathe izinyathelo ezifanele,” kusho yena.
Ukugasela kwalezi zikhulu ejele laseWestivelle kwelama okwelaseGoli, iSun City, lapho okwatholakala khona okuningi okungafanele ukuba sejele. Okugqame kakhulu ezintweni ezitholakale kuleli jele, yi-playstation nenqwaba yomabonakude.
ngubo@ilanganews.co.za