Bebebulala inyoka esikhumbuzweni sikaShenge

145

JOHN HLONGWA

BEBEPHUME ngezinkani abalandeli be-IFP enkonzweni yesikhumbuzo yomsunguli waleli qembu, osanda kukhothama,
iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ebisePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto. 

Izikhulumi kule nkonzo, zichaze uShenge njengomholi obenobuchule, ekuthanda ukuhlanganisa abantu ngenhloso yokuthi kube nokuthula ezweni. Amanye amaqembu ezepolitiki adlulise amazwi enduduzo, anxusa iNkatha ukuba iwugcine umlando kaShenge. 

Phakathi kwawo bekukhona i-ACDP, i-ATM, i-DA ne-Action SA. 

UMnu Zwakele Mncwango we-Action SA, uthe bebeye kule nkonzo ukuyokhumbula uShenge. 

“Ungomunye wabaholi abayibambe ishisa ngezikhathi zobandlululo. Ukwazile ukuvikela umhlaba omncane esinawo, sekukithina ukuthi siqhubeka kanjani nokuwuvikela. Usifundise ukuthi singantshontshi. 

“Nginxusa ukuba sibambisane, sikhiphe i-ANC emandleni ukuze kubuyiselwe isishayamthetho oLundi,” esho kuchwaza
izinkumbi zabantu. 

Umengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, utuse iqhaza likaShenge esizweni. 

hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleUhlehliselwe unyaka ozayo owoSuthu neDowns
Next articleImeya nekhwelo kwabezenkolo