SKHOSIPHI MTHEMBU
noNONHLAKANIPHO SHINGA
KUSOLWA umbango wemali elinganiselwa ku-R200 000, ngokubulawa kwabesifazane ababili okutholakale izidumbu zabo zidindilizile eMachobeni, eNanda, ngoLwesihlanu. Kusolwa ukuthi le mali bekumele ikhokhelwe inyanga ukuze “ithwalise” uNkk Nokuthula Jeza nendodakazi yakhe, uNkz Thembelihle Jeza ukuze bacebe.
Kuthiwa le mali bebeyibanga nowesilisa oyinyanga okuvela ukuthi bamkhokhela yona emuva kokuba uNkk Jeza ephunyelwe yimali yokushona komyeni wakhe, uMnu Bongani Jeza, owayeyisosha. Kubikwa ukuthi abafi bebegcine ukubonakala ngoLwesine ekuseni beya kule nyanga, befuna ibabuyisele le mali ngoba konke eyayithe kuzokwenzeka uma
isibathwalisile, bekungenzeki.
“Kubonakale izithombe zezidumbu zabo sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, kufunwa izihlobo zabo,” kusho umthombo weLANGA.
UNkk Jeza uphenduke indabizekwayo kwabezindaba emuva komdonsiswano phakathi kwakhe nomndeni womyeni wakhe ngoMfumfu (October) ka-2021. Umndeni wakwaJeza waze wayofika enkantolo, ungafuni ukuba uNkk Jeza angcwabe umyeni wakhe, usola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa kwakhe.
Odadewabo bakamufi batshela leli phephandaba ukuthi kabafuni ukuba kugcwatshwe isidumbu somfowabo ingakabuyi imiphumela yolibofuzo. UNkz Hlengiwe Qwabe, ongudadewabo kaJeza, waze waveza ukuthi sebechithe u-R50 000 bekhokhela udokotela ozimele ukuze kuhlolwe isidumbu ngoba bethi kabayikholwa incazelo kaNkk Jeza ngokufa kwakhe.
Okunye ababekhala ngakho, wukuthi uNkk Jeza wayelwa, engafuni ukuba sidumbu sihlolwe. ILANGA lithinte ilungu lomndeni wezisulu, uNkz Pinky Mbambo, elivele lakhihla isililo, lathi kalikwazi ukukhuluma.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe abesilisa abane abebesolwa ekufeni kukaNkk Jeza nendodakazi yakhe, badubulane namaphoyisa ngoMgqibelo, bashona. Uthe kukholakala ukuthi abasolwa bebesendleleni eya enyangeni eMpophomeni “beyogezwa” ngesikhathi bemiswa ngamaphoyisa. Esitatimendeni esithunyelwe, uveze ukuthi abasolwa yibo abaqale badubula bebhekise
emaphoyiseni, aphindisela.