Bekunosizi kufihlwa izingane ezibulewe

1432

Umngcwabo ubuhanjelwe nangosopolitiki abehlukene

MTHOBISI SITHOLE

BEKUWUMUNYU ngesikhathi izingane zesikole sezivalelisa okokugcina ezinganeni ezine okusolwa ukuthi zibulawe nguyise.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU

UNYUKELWE wushukela uMengameli we-ANC Women’s League (ANCWL), uNkz Bathabile
Dlamini, enkonzweni yomngcwabo ebigutshuzelwe wumunyu wezingane ezine okusolwa
ukuthi zibulawe nguyise ngoLwesibili olwedlule ebise-Mgungundlovu izolo ngeSonto.
UNkz Dlamini, oke waba ngungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, uthe sekuyisikhathi sokuba abesilisa basho ukuthi yini inkinga yabo.
“Uma sithi abadlwenguli mabanqunywe izitho zabo zangasese, kuthiwa sinonya, uma sithi ababulali mabagwetshwe udilikajele kuthiwa sikhohlakele,” kusho uNkz Dlamini enkonzweni yomngcwabo ka-Ayakha Jiyane (17) – obeyisingandodakazi (step daughter)
kammangalelwa – uSiphosethu (10), uKhwezi (6) noKuhlekonke Mpungose (4) abazalwa ngummangalelwa, uMnu Sibusiso Mpungose (44).
Lesi sehlakalo esithikameza ingqondo, senzeke eWyebank, ePinetown, emzini kaMnu
Mpungose nomkakhe, uNkk Xoli Mpungose (39), okuthiwa besebesayine amaphepha edivosi, okuyikho okuthiwa kunenge ummangalelwa.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, ushumayele ivangeli osekunesikhathi
lishunyayelwa, lokuthi kube nezigcawu zabesilisa zokuxoxa ngezinkinga ababhekene
nazo ukuze bazi ukuthi kazixazululwa ngempi, kodwa zixazululwa ngokubonisana.
Uthe owesilisa oshaya abesifazane akusiyena umuntu oqotho, kumele aqheliswe eduze
komphakathi.
Utshele abebethamele inkulumo yakhe ukuthi bawuqalile lo mkhankaso wezigcawu
KwaZulu-Natal emasontweni amabili adlule, lapho khona abesilisa bezothulula khan izinkinga ababhekene nazo.
Uthe izinga lokubulawa kwabantu lidlangile KwaZulu-Natal, yingakho kumele wonke amacala alandelelwe angapheleli emoyeni bajeze kanzima ababulali.
“Lapha ezweni siyalingana ngokwebala nangokobulili, akekho umuntu okumele asebenzise
amandla akhe. Namanje akukholakali ukuthi kunobaba ongabulala izingane zakhe
ngalesi sihluku. Lokhu okwenzekile kuyihlazo, siyafisa ukuba kubuyiswe ubuntu ebantwini.
“Mayiphele le nto yokuthi uma umuntu ediniwe bese edinelwa enkosikazini noma ezinganeni.
Umuntu odlwengulile nobulele makanganikwa ibheyili,ufanelwe yisigwebo esinzima.
“Abenzi bobubi ngeke bashintshe ngoba sebesejele, bese bededelwa. Sikhuthaza abantu
besilisa abazokwazi ukuvikela omama nabantwana,” kusho uMnu Zikalala.
Uthi lezi zigcawu zabesilisa zigxile kwabesilisa ukuze nabafanyana bakhule bazi ukuthi
odadewabo bayahlonishwa. Ubonge ingalo yomthetho ngokusebenza kwayo kanzima
njengoba egcine ebanjiwe uMnu Mpungose.
Uthishanhloko wasePinetown Girls’ High, uNkz Sibongile Njampa, uthi balahlekelwe
ngokushona kuka-Ayakha ngoba bebethembile ukuthi nguyena udokotela wakusasa, ozotholela umphakathi amakhambi ezifo ezixakile ngenxa yobuhlakani bakhe.
Uthi bekwaziwa isikole sonke ukuthi isigaba nesigaba sonyaka nguyena ophuma phambili
ekilasini.
Kuthiwa umsolwa izingane zakhe ubezibulala ngokuziklinya bese ezilengisa emawindini
emakameleni ahlukene. Izingane kuthiwa uzilande esikoleni wagoduka nazo kanti uyozenzakalisa.
Kuthiwa uSiphosethu ubelokhu ephuma engena eya esitolo, okusolwa ukuthi bekuyisu
likaMnu Mpungose lokumxosha ngesikhathi esabulala laba abancane.
Eseqedile ukubulala lezi ezinye izingane ezintathu, uqonde ePinetown Girls’ High
School lapho bekufunda khona u-Ayakha, wamthatha ngemoto waqonda naye ehlathini elise-New Germany, wafika khona wamklinya ngebhande.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUgxeke ukubulawa kwabesifazane
Next articleugxeke abadlali kwephuka irekhodi