“Bekuyiziqengqe” abafundi abashone engozini bebuya ukuyojabulela ukuqeda ukubhala

327

MTHOBISI SITHOLE noTHANDOLUHLE NGUBO

KUSHABALALE amathemba emindenini eshonelwe yizingane zayo engozini yemoto ngeSonto ntambama, zibuya ukuyojabulela ukuqeda ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka. Kulesi sigameko kushone uLuyanda Vilakazi (19), u-Anele Majola (18) noThandokuhle Khumalo (18) abebefunda eMnyamande Secondary School, eNtendeni, eNewcastle. 

 Uthishanhloko wesikole, uMnu O.S.S Mchunu – ongathandanga ukudalulwa kwamagama akhe aphelele – uthe bebengakungabazi ukuthi laba bafundi abashonile bebezophasa ngamalengiso. Uthe ukuphumelela kwabo ezifundweni zabo zesayensi unyaka wonke, bekukhomba ukuthi bazokwenza kahle ekuhlolweni kokuphela konyaka. 

ILANGA lithole ukuthi ingozi yenzeke ku-N11 ngaseNgagane, eNewcastle. Kushayisane imoto encane – abebehamba ngayo – neloli. 

Kuthiwa imoto beyishayelwa womunye walaba bafundi abashonile, kanti abanye bangeniswe esibhedlela.

UNkz Lethukuthula Majola womndeni wakwaMajola, uthe umfowabo uhambe ethi bayodla inyama nabangani bakhe eSigodini. Uthe ngokuhamba kwesikhathi, bathole ukuthi kuthe sebebuya, babizwa ngabangani babo kwenye indawo yokucima ukoma, abalimale ekuseni sebebuya kuyona.

Unina kaThandokuhle, uNkk Nomakhaya Khumalo, uthi ubengazi lutho ngalo mcimbi wezingane ngoba yena akahlali eNewcastle, useMpumalanga ngokomsebenzi.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer uvakashele isikole nemindeni eshonelwe. Udlulise amazwi enduduzo wanxusa abazali ukuba bafake iso ezinganeni.

mthobisis@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

KUSUKELA kwesokunxele nguThandoluhle Vilakazi, ngu-Anele Majola noLuyanda Vilakazi.

Previous articleSibi isimo samanzi eNingizimu Afrika
Next articleAbaqedana ngezibhamu basola ukuthi inkosi yakhothama “nekhubalo” lokuthula