NONHLAKANIPHO SHINGA
SIHLASELWE yimvubu sashona isisebenzi seKZN Wildlife, uMnu Phiwayinkosi Mthembu (31) (osesithombeni), KwaMhlabuyalingana, ngeSonto eMkhuze Game Reserve. UMthembu wehlelwa yilo mshophi nje, ubesanda kufihla indodakazi yakhe ebigula.
Isikhulu esibambile kwaKZN Wildlife, uMnu Sihle Mkhize, sikhalisene nomndeni wakwaMthembu. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke umufi ehamba ngezinyawo, ehlola indawo nozakwabo abathathu. Ngokuthola kweLANGA, ngesikhathi izisebenzi zihlola kulesi siqiwi, zihlukane amaqembu amabili. Ngaleso sikhathi kuthiwa beziphenya ngemibiko yabantu abebecuphe imigoga esiqiwini. Ngokusho kwabakwaKZN Wildlife, kakubanga yisikhathi eside izisebenzi zihlukene, zezwa sekuqhuma isibhamu ngalapho bekuye ngakhona uMthembu nozakwabo.
“Siyazi ukuthi umndeni wakhe ubusazama ukwamukela ukudlula kwengane yakhe emhlabeni, manje sekwenzeka lokhu. Sikha-lisana nomndeni wakwaMthembu wonke,” kusho uMkhize.
UMnu Thembinkosi Mthembu, uyise kamufi, uthe besingeside isikhathi ethole lo msebenzi.
“Sikhungathekile futhi sizwa ubuhlungu ngokudlula kwakhe njengoba bekunguye kuphela obesebenza emndenini,” esho.
Uthe amalungiselelo omngcwabo – abawenza ngokubambisana nabakwaKZN Wildlife – sebeyawaphothula, umufi uzofihlwa ngoMgqibelo kubo eManguzi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kunedokodo elivuliwe ngalesi sigameko emaphoyiseni aseMkhuze.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za