Umphakathi wakule ndawo okuthiwa namanje usathukile, uthi uzwe izibhamu ziqhuma isikhathi eside
JOHN HLONGWA
KUVELE ukuthi ubephila impilo engaqondakali umnikazi womuzi odutshulwe wabulawa nabahlanu abehleli nabo emzini wakhe eMpandwini, eMbumbulu, ngoMgqibelo ebusuku. Kubikwa ukuthi bahlaselwe ngamadoda angaziwa afike avulela ngenhlamvu, kwashona abantu abayisithupha. ILANGA lihambele endaweni yesigameko emzini wakwaMaluleka izolo ngeSonto, lifike izidumbu zabafi zingakathathwa, amalungu omphakathi eme izixongololo, eyikhulumela phansi indaba yokubulawa kwalaba. Kuthiwa uMnu Maluleka ongumnikazi womuzi elingatholakalanga igama lakhe, ubesanda kufika endaweni futhi ephila impilo engaqondakali njengoba ubengaphumi emini, ebonakala ebusuku kuphela.
ILANGA lithole ukuthi bekujwayele ukuthi kufike abantu abasabisayo emzini wakhe, begqoke amajazi amakhulu. Kumanje umphakathi wakule ndawo usathukile ngalesi sigameko sokubulawa kwabantu abaningi kangaka emzini owodwa. Phakathi kwababulewe, bekukhona
namantombazane amabili uNkz Nokwanda Ndimande (16) noNkz Sthabile Buthelezi (21), nabanye besilisa abangaziwa endaweni. Izidumbu ezine zitholwe egcekeni lomuzi, kwathi ezimbili zatholwa ngaphakathi. Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomunye womakhelwane olidonse
ngendlebe ukuthi lingamdaluli, uthi izibhamu zikhale umlibe ngoMgqibelo ebusuku.
“Siphumile sezithule, sizitshela ukuthi sizozwa ukuthi besikhala ngakuphi isibhamu. Kunalokho kuvele kwathuleka saze sayolala. Sizwe ekuseni ukuthi izibhamu ebeziqhuma zishiye umonakalo,” kusho umakhelwane. ILANGA likhulume noNkk Khonzeni Ndimande onguninakhulu kaNokwanda Buthelezi, omchaze njengengane ebikhonze ukuzihambela ingaziwa ukuthi ikuphi. “Ngihlukane naye (uNokwanda) ngoMgqibelo emini. Waphuma wangasho ukuthi uyaphi. Bengihlale ngimkhuza ngempilo abeyiphila, ngithi makahlukane nokuhamba ebusuku, kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. “Kwalo muzi afele kuwona nje, kangiwujwayele,” kusho uninakhulu kamufi.
UNkz Zinhle Buthelezi ongudadewabo kaSthabile, uthi udadewabo waduba ikhaya engaxoshwanga muntu.” Sizwe sesimenyezwa ekuseni kuthiwa masiphuthume size eMpandwini, sekushone udadewethu. “Ngifike sekukhona amaphoyisa ngalunguza ngewindi, ngabona ukuthi nguyena ngempela. Kade thina samgcina ekhaya njengoba wavele wahamba, washiya ingane eneminyaka emibili,” esho. ILANGA liphinde lezwa ngomunye umakhelwane ukuthi bebengakhululekile yindlela uMaluleka abeziphethe ngayo, ethi ubehamba nabantu abangaziwa, abagqoka amajazi amakhulu ebusuku. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko sokubulawa kwabantu. Uthe amaphoyisa avule amacala ayisithupha okubulala. Bekungakaboshwa muntu. hlongwaj@ilanganews.co.za